USTEVE Komphela uthe akuzange kube yiqatha elimbindayo ukuthatha isinqumo sokwehla esigqikini sokuhola iKaizer Chiefs.
Uthe wesule ngaphandle kokulawulwa yimizwa futhi akangabazi ngesinqumo asithathile ngemuva kodweshu olwenzeke eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Abalandeli beChiefs baphenduke inje ebomvu bagcwala inkundla ngemuva kokwehlulwa yiFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup. Umphumela ubusho ukuphela kwamasizini amathathu obuholi bukaKomphela iqembu linganqobi lutho.
Abalandeli bangenele onogada babashaye bacishe babakhipha umphefumulo. Ababili babo baphuthunyiswe esibhedlela. Inkundla bayishiye imapeketwana, bedluntula izihlalo, amabhodi ezikhangiso, amapali baze bayokhela ngomlilo.
UKomphela nomqeqeshi weStars, uLuc Eymael, abadlali bawo womabili amaqembu, baphume ngesamagundwane enkundleni, bela abalandeli.
Ubungalindela ukuthi uKomphela afike kwabezindaba ethuthumela ngokumehlele kodwa ubezipholele esakwazi ngisho ukuncokola.
Ungene egunjini labezindaba ephelezelwa yimenenja yeChiefs, uBobby Motaung, okuyinto engajwayelekile ukwenzeka.
Echaza ngomdlalo UKomphela uthe bebengakufanele ukuhlulwa ngenxa yamathuba abebewakhile.
“Uma kuwukuthi abantu balwa ngenxa yami. Abadlali nabalandeli bayahlukunyezwa ngenxa yami kumele ngisithathe isinqumo. Ngithi kinina ngingumuntu okwaziyo ukumelana nesimo ukuze ngivikele abanye ngisize nePSL ukuthi ingahlawulisi amaqembu ngenxa yodlame. Uma kuyimina umsusa walokho kumele ngikunqande.
“Indlela yokwenza ukuthi kungabi khona udlame, kube nokuzwana nemiphumela, wukuthi mina ngisinqande isimo ngoba uma siqhubeka baningi abazolimala into engenabo ubulungiswa. Lokhu ngikusho ngaphandle kokubindeka, ngomoya ophansi futhi ohluzekile ukuze kube nokuthula nemiphumela nokwenzela abaphathi, abadlali nabalandeli. Kumele siyicishe le-switch,” kusho uKomphela.
Ubekhuluma ejikeleza kodwa kucaca ukuthi kukhona lapho eqonde khona.
“Isiko leChiefs elokuthula noxolo futhi akuthathelwa izinto phezulu. Ngabe umuntu uyafuna ukubona isimo esinje siqhubeka? Cha, akulungile lokho. Sibhekane nalesi simo eGoli, manje sesibhekana naso eThekwini, sinomunye umdlalo futhi eThekwini neGolden Arrows. Ngabe kuwukuba nesibindi ukushayela ngo-200km/* kube kukhona umuntu ohamba naye emotweni? Cha, cha cha, angicabangi ukuthi abalandeli, abadlali nabaphathi kubafanele lokho. Ngakho kumele kuthathwe izinqumo. Njengomholi ngingowokuqala ukukwenza lokho ngomoya ophansi ukuze kulungiswe isimo. Kumele ngikubeke emahlombe ami ngibe yisibonelo sokunqamula leli siko lobudlova, nobuxhwanguxhwangu,” kusho uKomphela.
UBobby ukuqinisekisile ukuthi uKomphela uyasula futhi ngeke abe khona uma sebedlala ne-Arrows emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kusasa ngo-7.30. Nokho iChiefs isazobiza isithangami nabezindaba lapho izocacisa khona yonke into.