AKENEME ngesimo seqembu unozinti weMamelodi Sundows, uDenis Onyango, ongene kwabangu-10 abaqokelwe umklomelo we-CAF African Player of The Year.
U-Onyango, owawina umklomelo we-CAF African Player of The Year Based in Afrika ngo-2016, uzobanga umklomelo osuhlanganisiwe nezinkunzi ezidlala phesheya kwezilwandle. Izolo sekuhlungwa, ungene kwabangu-10 abazobanga umklomelo ngoJanuwari 8 eDakar, eSenegal. UPercy Tau, obekhona kwabangu-34 bokuqala, akalibonanga elidlalayo sekuhlungwa abangu-10 bokugcina. Kubadlali abasasele kukhona owine nyakenye uMohamed Salah wase-Egypt ogijima kwiLiverpool yase-England, Pierre-Emerick Aubameyang waseGabon odlala kw-Arsenal, Riyad Mahrez wase-Algeria odlala kompetha beligi iManchester City noSadio Mane waseSenegal ogijima kwiLiverpool.
“Kimina kumnandi ukuqokwa okwesithathu kulandelana. Kusho ukuthi ngenza umsebenzi oncomekayo eqenjini lesizwe. Kungigcina ngigqugquzelekile. Ngithemba ukuthi kuzobagqugquzela nabanye abadlali ukungena kubadlali ababanga umklomelo. Ngibona noPercy (Tau) ukhona.Wenze kahle eqenjini nakwelesizwe. Uma wenza kahle uzonakeka. Angikawini kodwa ukubalwa nabahamba phambili ezwenikazi i-Afrika kuyinto enkulu kimina,”kusho * -Oyango ezakhe ezizodla uKhisimusi zihlezi endaweni yesine.
Mayelana nesimo seqembu eseliphunyukwe yizona zonke izindebe kule sizini phezu kokuba lingakahlulwa emidlalweni yeligi uthe: “Sidonsa kanzima siyiqembu. Sinabadlali abaningi abasha eqenjini abalinganiselwa kwabayisishiyagalombili. Kuthatha isikhathi ukuhlangana. Laba abadlali abaqhamuka emaqenjini ahlukene. Imiphumela kufanele siyithole, senzele iqembu. Abadlali bayazama nabo. Sithemba ukuthi kuzolunga. Asikahlulwa kwiligi okwamanje. Kodwa lokho akwanele, ikakhulukazi kweyomkhumulajezi ngoba uma sifuna ukufinyelela lapho esifuna ukuya khona kufanele siwine imidlalo yezindebe.Kuhle ukuthi asikahlulwa kwiligi kodwa ngeke sithi sijabule ngendawo esikuyona ngoba amanye amaqembu asadlala imidlalo yeligi futhi angasidlula noma yinini.”
Emasontweni adlule, umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uphumele obala wathi umklomelo womdlali ovelele umfanele * -Onyango ngoba akekho unozinti osezingeni lakhe e-Afrika.
“Kunginika ukuzethemba uma umqeqeshi uPitso engincoma. Kodwa futhi kufanele ngisebenze kanzima, ngenze isiqiniseko sokuthi ngihamba phambili njengoba esho. Kungenza ngihlale ngenza izinto ngokucophelela ngoba onozinti engisebenza nabo bangenza ngihlale ngijeqeza." U-Onyango uzohlala amasonto abalelwa kwayisishiyagalombili ngenxa yokulimala edolweni. Uzobe engekho namuhla ngo-5 ntambama uma ezakhe sezidudulana ne-Al Ahly Benghazi yaseLibya emdlalweni womlenze wokuqala ozoba se-Egypt. Umlenze wesibili uzoba kuleli ngoLwesihlanu.
“Kubalulekile kuthi siwine ekuhambeni, sidlale ekhaya singasenayo ingcindezi.Uma uwine ekuhambeni kukunika ukuzethemba uma usudlalela ekhaya. Umdlalo awulula, abadlaleli ekhaya. Kodwa lokho akuliphazamisi izinga abadlali abakulo. Sibonile bedlalela iqembu lesizwe bebhekene neBafana Bafana, badlala ibhola elihle,”kusho * -Onyango.