USHAYA phansi ngonyawo usihlalo weMaritzburg United, uFarook Kadodia, uthi unozinti waleli qembu uRichard Ofori akadayisi.
UKadodia uthe nakuba evuma ukuthi indlela yokwenza imali eqenjini lakhe ukudayisa abadlali kodwa uma engavuma kuhambe lo nozinti odabuka eGhana, kungabe kusho ukuthi nangesizini ezayo ezakhe zizobe zivika izembe njengoba kwenzekile nangesizini edlule.
Ngokusho kwalesi sikhulu, uphawini wokudayisa usuphelile, njengoba esehanjelwe nguFortune Makaringe ozomenyezelwa yi-Orlando Pirates njengomdlali wayo ngokusemthethweni kungekudala, noSiphesihle “Mbesumba” Ndlovu okungacaci noma uzosayina neMamelodi Sundowns noma neBucs.
“Akadayisi * -Ofori, nhlobo. Uma ngingaphinde ngidedele omunye umdlali njengamanje ngabe ngifaka iqembu enkingeni. Sifuna ukwakhela kubadlali abakhona futhi njengoba sengilahlekelwe abadlali ababili (uMakaringe noNdlovu), sekwanele,” kusho uKadodia.
Phakathi kwamaqembu abesolakala ngokufuna * -Ofori kubalwa nePirates.
Ebuzwa uKadodia ukuthi ngabe lokhu akushoyo ngo-Ofori ukuthi akadayisi yinto asebeyixoxile yini, bavumelana ngayo naye lo nozinti, uKadodia uthe: “Uhambile uye ekhaya njengoba isizini igoqiwe. Akukho akusho kumina, nami akukho engikusho kuyena ngoba siqhubeka njengokwejwayelekile. Hleze uyothi uma esebuya ngaphambi kokuqala kwesizini bese sibuyekeza izinto ezimbalwa naye kwinkontileka siqhubeke njengokwejwayelekile”.
U-Ofori ungomunye wonozinti abafakwe esikwatini seGhana esizodlala kwi-Africa Cup Of Nations (Afcon). Uzobanga ijezi noLawrence Ati-Zigi odlala kwiSochaux yaseFrance noFelix Annan ovimbela i-Asante Kotoko yakhona eGhana.
Okunye okuvele izolo ukuthi uKadodia ufake endalini uYannick Zakri oseziphendule uhlupho ebholeni laseNingizimu Afrika. Ngokusho kukaKadodia, lesi yisinqumo abasithathe khona izolo, nathi balindele amaqembu ukuba aqhudelane ngokumsayinisa.