U-FLETCHER Smythe-Lowe
Image: BACKPAGEPIX
UNOZINTI osephenduke isithandwa sabalandeli bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ngenxa yokugila izimanga ngesikhathi Amajita edla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) kubafana abaneminyaka engaphansi kwengu-20, uFletcher Smythe-Lowe, akaziboni njengeqhawe.
Amajita abuye nesicoco sase-Afrika ku-U/20 okokuqala ngqa emlandweni ngokunqoba ngo 1-0 kwiMorocco kowamanqamu obungeSonto ebusuku, e-30 June Stadium, e-Egypt.
Leli qembu eliphekwa nguRaymond Mdaka belibunjwe ngabadlali abathembisayo kodwa kubona uLowe ugqame cishe ukubedlula bonke okufakazelwa ukubuya kwakhe nomklomelo we-Golden Glove onikwa unozinti ovelele.
Ngemuva kokuqokwa, lo nozinti weqembu lika-U/19 weGD Estoril Praia yasePortugal, utuse ozakwabo ngokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wakhe ubalula.
“Ngaphandle kozakwethu ngabe izitha ziyazigelezela okusho ukuthi lo mklomelo ngabe nawo awukho,” kusho uLowe kwi-cafonline.com ngemuva komdlalo.
“Siyiqembu elingeke lisebenze uma kukhona ongekho. Okwami wukwamukela umklomelo kodwa enhliziyweni ngiyazi ukuthi akuwona owami ngedwa.
“Angiziboni njengeqhawe kepha ngibona iqembu lonke - okuhlanganisa nethimba labaqeqeshi - njengamaqhawe aqinisekisile ukuthi afaka iNingizimu Afrika emlandweni webhola lase-Afrika."
Emidlalweni eyisikhombisa uLowe akangenelwanga yigoli kwemine, waqokwa njengonozinti ovelele womqhudelwano. Kowamanqamu ube wumdlali ovelele, wengeza nangokwakha igoli lokuwina.
Igoli okuwine ngalo Amajita linanyathiselwe enethini uGomolemo Kekana weMamelodi Sundowns ngomzuzu ka-70 ephakelwa yilo nozinti.
UMdaka utuse iDStv Diski Challenge (DDC) ngokuba nesandla esikhulu kule mpumelelo kwazise iningi labadlali esikwatini sakhe liyibamba emaqenjini adlala kulesi sigaba.
“Ngaphandle kweDDC ngabe asikho la sikhona ngakho-ke uma kubongwa akufanele isale ngaphandle ngoba bonke laba badlali abasenzele okuhle bakhiqizwe yilo mqhudelwano,” kusho uMdaka.