UNOZINTI waMaZulu uSiyabonga Mbatha ubamba ngisho impukane kulezi zinsuku emidlalweni ye-Absa Premiership

UYAZIHLANGULA umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, enkulumeni yokuthi ngabe unozinti wezakhe, uSiyabonga Mbatha, ukufanele yini ukubizelwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Kuvuleke isikhala sikanozinti esikwatini ngemuva kokulimala kuka-Itumeleng Khune ongeke esadlala kuze kuphele isizini. Lokhu kwenzeke ngesikhathi iBafana iya emdlalweni omqoka wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ezobhekana kuwo neLibya ekuhambeni ngoMashi.

Konozinti abavamise ukubanga ijezi noKhune kwiBafana kusele uDarren Keet weBidvest Wits noRonwen Williams weSuperSport United.

Ukwenza kukaMbatha kumenza abe ngunozinti ongabhekwa yithimba leBafana ukuvala isikhala esivulekile.

UMbatha, odabuka eMlazi, usesindise AmaZulu kwaze kwaba yikabili emidlalweni yeligi edlule. Ubengafuni lutho ehlula ekuhambeni iMamelodi Sundowns ngo 2-0. Uphinde wenza okufanayo AmaZulu eshaya iCape Town City ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngempelasonto.

UMbatha uvimbe iphenathi ebizobeka phambili iCity usanda kuqala umdlalo. Ngemuva kwalokho ukhombise ukuphaphama eqinisekisa ukuthi alukho oludlulayo kuye.

Kuyona yomibili imidlalo uqokwe waba ngumdlali wosuku ovelele.

Ebuzwa uJohnson ukuthi ngabe uyambona uMbatha efanelwe ukubizwa esikwatini, uthe: “Akusikona okwami ukuthi ngiphawule. Ngingajabula uma bengabiza abadlali baMaZulu abawu-11. Njengonozinti wami ngicabanga ukuthi iqembu ulenzela umsebenzi omuhle. Usebenzile evimba iphenathi.

“Wabuya wavimba amabhola amabi esebhekene nomdlali. Kukubaqoki ukuthi bambheke babone ukuthi iyiphi indlela abafisa ukudlala ngayo nokuthi bayamdinga yini uSiya. Sonke singakujabulela lokho kodwa akulungile ukuthi ngithi mina ngihleli lapha ngikhombe ukuthi ngubani ofanelwe wukuba seqenjini lesizwe.”

Mayelana nomdlalo uvumile ukuthi AmaZulu abephansi kuneCity.

“Sesike sanemidlalo engcono kunalo. Kodwa kwesinye isikhathi ebholeni ukudlalela ekhaya kuyakwazi ukukusiza. Siyambonga uMbatha ngokuvimba iphenathi sakwazi ukuya ekhefini kungu 0-0. UTapelo washaya enhle i-free kick emuva kwalokho kwadingeka ukuthi silwe. Kumele sithole isifundo ngoba kwesinye isikhathi uyahlulwa uma udlala kanjeya. Besingakhululekile ebholeni,” kusho uJohnson.

Uthe wethemba ukubona umdlalo ongcono uma sebedudulana ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngoFebhuwari 23.