UNCOMA isibindi sikaBenni McCarthy sokungasabi ukuziphonsela inselelo, uMabhudi Khenyeza osedlale iminyaka ewu-18 ebholeni elikhokhelayo kuleli.
UKhenyeza uthe kwesinye isikhathi izinkakha zaseNingizimu Afrika zivukwa yitwetwe zisabe ukuzifaka ingcindezi, nokuyinto athe kufanele iphele ukuze ibhola lizoqhubeka liye phambili.
UMcCarthy usanda kushiya njengomdlali ngo-2013. Iqembu agcine ukulidlalela yi-Orlando Pirates. UMcCarthy ube esezihlupha ngezifundo zokuqeqesha, njengoba manje kungunyaka wesithathu engumqeqeshi.
Kule minyaka emithathu eqeqesha, uMcCarthy sekukhona akukhombayo njengoba enqobe isicoco seMTN 8 neCape Town City ngenyanga edlule. UKhenyeza, osanda kutshela leli phephandaba ngothando lwakhe lokuqeqesha, uthe okwenziwa uMcCarthy kuhle kakhulu futhi uyisibonelo esihle kubaqeqeshi abancane.
“Kuyinto enhle ukuthi uMcCarthy akwazi ukunqoba isicoco esisodwa njengomdlali, wasinqoba futhi esengumqeqeshi. Kuyinto ezishayayo kakhulu izinkakha ukuba nesibindi nomgogodla wokumela into oyiqalile. UMcCarthy uyafakazisa ukuthi uma into ukholelwa ekutheni ungayenza, iyenzeka ngempela,” kusho uKhenyeza.
Phakathi kwamaqembu uKhenyeza asedlale kuwona iLamontville Golden Arrows, Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns, Ajax Cape Town neMpumalanga Black Aces. UKhenyeza akakufihli ukuthi uma egaxa amakhokho emgibeni ufuna ukuqeqesha. Utshele leli phephandaba ukuthi angaqeqesha noma ngubani, noma kusiphi isigaba. Unezezele ngokuthi uyazihlupha ngokufunda izindlela zesimanjemanje zokudlala unobhutshuzwayo, nathe uzithatha e-Europe.
UKhenyeza ungomunye wabadlali abambalwa kuleli oshaye amagoli awu-100. Njengomakadebona, uthe ukuphucwa koSuthu amaphuzu ayisithupha iFifa, ngeke nakancane kuwuphazamise umgqigqo weqembu.
“Akuyona into esiphazamisile indaba yokuphucwa amaphuzu. Ngibona ukuthi kunalokho isakhe isibindi, nokuthi sinezezele kakhulu ekudlaleni kunakuqala. Siyazi futhi ukuthi indaba yamaphuzu incikene kakhulu nehhovisi laMaZulu, thina okwethu ukudlala enkundleni,” usho kanje uKhenyeza.