UKHUHLISWA ibhentshi ngoba kusolwa ukuzithwala ngenxa yokuthi ufunwa amaqembu amakhulu, uPogiso Sanoka, odlala emuva kwiMaritzburg United.
Emidlalweni yakamuva emibili, iTeam Of Choice eyidlale neChippa United ne-Orlando Pirates uSanoka akazange adlaliswe. Okuxakayo ukuthi akukaze kubikwe ukuthi ulimele noma unomkhuhlane thizeni.
Ngesizini edlule, uSanoka, ubengesinye sezethenjwa eqenjini likaFadlu Davids elimangaze abaningi lilala isihlanu kwi-log ye-Absa Premiership, laphinde laqopha umlando lifika kowamanqamu okokuqala kwiNedbank Cup.
Ngokuthola kweSolezwe, izikhulu zeTeam Of Choice azeneme ngemibiko yokuthi lo mdlali ufunwa uthuli yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Empeleni kuthiwa sekukhona okubekwe etafuleni yila maqembu kwiMaritzburg, nokungenzeka agcine ehambile uSanoka uma kuvuleka iwindi ngoJanuwari wangonyaka ozayo.
“USanoka akadlaliswa ngoba nakhu esehamba. Ufunwa yiPirates neSundowns futhi kukhona asebekubeke etafuleni ezikhulwini zeqembu. Empeleni umuntu ongafuni adlale uSanoka, wu-Ernst Middendorp ngoba uyena owatshela uDavids ukuthi angamdlalisi ngoba uzithwele. Nakuba uMazinyo engaqashiwe kwiMaritzburg kodwa uyena oluleka uDavids ngezinto eziningi. Kuyacaca ukuthi izikhulu nazo ziyazi ukuthi yini angadlali uSanoka ngoba phela ngabe zithule zithini ngempela,” kusho umthombo ocele leli phephandaba ukuba lingalidaluli igama lawo.
Kubukeka kuyinto eyejwayelekile ukuthi nxa umdlali esefuna ukushiya kwiMaritzburg, abaphathi beqembu bangamdlalisi. Ukusho nje abambalwa abadlali abafana noKhulekani “Chillies” Madondo osedlalela iRichardsBay FC noPhilani Zulu oyibamba kwiKaizer Chiefs, bazithola besenkingeni efanayo. Laba bahamba sekukubi kwiTeam Of Choice sebengasalubhadi ngisho iqembu liziqeqesha, bekhala ngokuthathwa kancane yizikhulu.
Leli phephandaba lithathe ucingo lwaluhloma kuFarook Kadodia ongusihlalo weMaritzburg, ukuzwa ukuthi ngabe kuyiqiniso elingakanani ukuthi uSanoka ufunwa iPirates neSundowns. Iphephandaba belifuna nokuthola nje ukuthi okwenza angadlali lo mdlali muva nje ngabe sikhona yini isizathu esingaziwa.
“Lalela la, angizokhuluma nawe. Anginaso isikhathi salezi zinto ongibuza zona. Ungambuza nje * -Irvin Khoza ngomdlali wakhe kwiPirates? Ngicela ukuvala ucingo lwami, angizimisele ngokukhuluma nawe ngalokhu okubuzayo,” ushaye ngezinqamulelayo esho evala ucingo uKadodia.