INJINI esanda kusayina kwiMaritzburg United, uThami Sangweni, icasha ngesithupha uma ibuzwa ngezinsolo zokuthi yashiya kwi-Orlando Pirates kungasekuhle ngo-2018.
Ngokwemibiko, uSangweni ushiye kweZimnyama kungasekuhle emva kokungahoshelani nephini lomqeqeshi uRulani Mokwena.
Nakuba kungacaci kahle ukuthi yini eyayibangwa kodwa kuyavela ukuthi uSangweni wayengagculisekile ngokungadlaliswa kanti uMokwena yena wayekholelwa ekutheni lo mdlali kuningi okwakusafanele “akulungise” ukuze adlale.
USangweni usayine inkontileka yonyaka neTeam Of Choice ngesonto eledlule.
“Angithandi ukukhuluma ngoRulani, empeleni angithandi ukubuyela kulolo daba. Kodwa oke uthi uma uthola ithuba umbuze yena (uRulani) ukuthi kwenzekani,” uqale washo kanje uSangweni ehleka kancane.
Ebuzwa ukuthi washiya isimo sinjani kwiPirates, uSangweni uthe: “Ukuhamba kwami kwiPirates kwaba kuhle. Vele ngifike kwiBucs ngokuxoxa kwami nomphathi uKhoza (Irvin), nguyena owangishela, ngase ngidlalela iqembu. Noma sengihamba ngaqale ngakhuluma naye (uKhoza), ngamchazela ukuthi kunezimo ezingangigculisi osekunzima ukusebenza ngaphansi kwazo. Ngabe sengimcela ukuthi angidedele ukuze nami ngiqhubeke nempilo ngoba ngendlela okwakuyiyona kwakunzima ukuthi ngiqhubeke nempilo. Kwabe sekuhlanganwake kwaba nemihlangano eminingi, ngagcina ngishiyile. Ngiyazibongela kakhulu kubaba uKhoza ukuthi wakwazi ukusiqonda isimo sami.”
Eqhubeka echaza uSangweni uthe ube nezingqinamba eziningi empilweni kodwa ubonga umfowabo uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni nabanye basemndenini abamsizile wakwazi ukudlula kulezo zinkinga.
“Angazi ngingabonga ngithini kubafo (esho uNsimbi) ngendlela angisize ngayo. Ngingalibeka ngembaba nje elokuthi usefana nobaba kimina, akaseyena umfowethu kuphela. Yinye indlela engingambonga ngayo, wukuthi ngidlale kahle kwiMaritzburg, ngiqhubeke nokuphakamisa isibongo sakwethu,” usho kanje uThami ubona nasemehlweni ukuthi uyazifela ngomfowabo.
USangweni ubanga ijezi noMiquel Timm, Phumlani Ntshangase, Daylon Classen noKeagan Buchanan kwiTeam of Choice.
Umdlalo olandelayo weMaritzburg, izowudlala neHighlands Park ngoLwesihlanu ebusuku eHarry Gwala Stadium.