DESIREE ELLIS
UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uzishaya isifuba ngokuzinikela kwabadlali bakhe nakuba bekhale ngaphansi kwiSpain emdlalweni wabo wokuvula kuGroup B kwiNdebe yoMhlaba ngoMgqibelo.

IBanyana ishaywe ngo 3-1 kulo mdlalo, kodwa ikhombise ukuzinikela okuyisimanga yenzelwa phansi yiVideo Assistant Referee (VAR). Kulo mdlalo ezika-Ellis zihambe phambili ngo 1-0 ziya ekhefini ngegoli elihle elivalelwe phakathi uThembi Kgatlana.

Zibuye esiwombeni sesibili ngomfutho ofanayo. Empeleni uKgatlana bekufanele ashaye igoli lesibili leBanyana ngomzuzu ka-56 kodwa kwanqaba unozinti weSpain uPaños olivimbe lingakaweqi ulayini.

Zibuye ngamandla izintokazi zaseSpain zashaya amagoli amabili, okube amaphenathi avezwe iVAR avalelwa phakathi umgadli we-Atletico Madrid, uJennifer Hermoso. Isipikili sokugcina sishayelwe uLucia Garcia oshaye igoli lesithathu. IBanyana iqede umdlalo ingasaphelele njengoba uNothando Vilakazi odale iphenathi yesibili ethole amakhadi aphuzi amabili.

“Ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo. Ngiyaziqhenya kakhulu. Lihle igoli elishaywe uKgatlana kodwa ubengathola amagoli amabili njengoba ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ethole elihle ithuba kodwa wamgeza unozinti. Ngeshwa amathuba ethu asiwasebenzisanga, izitha zethu zithole amathuba zawasebenzisa. Ngisola ukuthi ukuphuma kukaVilakazi emuva kusilimazile kakhulu ngoba besivale kahle. Kube wukuphuma yena kwavuleka izikhala,” kulandisa * -Ellis ngemuva komdlalo. Umdlalo olandelayo weBanyana izowudlala neChina ngoLwesine ebusuku.

“Siwukhombisile umhlaba ukuthi singobani. Besivele sishilo ukuthi asizelanga lapha ukuzodabukisa noma ukuzolahla ithemba nokusheshe siphonse ithawula. Sizolwa kuze kube sekugcineni,” kusho * -Ellis. IChina ayiqalanga kahle njengoba ishaywe yiGermany ngo 1-0. Okucacile nokho emdlalweni weGermany neChina ukuthi izintokazi zase-Asia yizona ezakhe amathuba amaningi kodwa zehluleka ukuwasebenzisa.

INigeria nayo ayiqalanga kahle kwiNdebe yoMhlaba ishaywa iNorway ngo 3-0. Ngeledlule iNorway ibukise ngeBanyana iyishaya 7-2 emdlalweni wamalungiselelo eNdebe yoMhlaba.