UMQEQESHI weCell C Sharks, uRobert Du Preez, akayiboni iyiqatha elizobabinda iJaguares yase-Argentina abazobhekana nayo ngempelasonto emdlalweni okufanele bawunqobe kumnyama kubomvu.
UDu Preez uthe nakuba beyinhlekisa uma bedlalela ekhaya kodwa ngeke kubahlule ukushaya leli qembu elizihola phambili kwiSouth African Conference, kanti lilele isibili kwi-log ehlanganisa wonke amaqembu.
Ukhuluma kanjena nje uDu Preez akuhambi kahle kwezakhe ezishaywe iHurricanes yaseNew Zealand ngo 30-17, eKings Park Stadium ngoMgqibelo.
Njengokwejwayelekile nxa iSharks isiboza kugqama ukungathathi izinqumo eziphusile kubadlali, ukuhluleka ukugcina ibhola esandleni nokungakhahleli kahle. Azisali nezinguquko ezingezinhle ezenziwa umqeqeshi.
Uma iSharks ifuna ukuzibekisela indawo kweyomkhumulajezi kufanele iyinqobe yomibili imidlalo eyisalele kweyamaqoqo. Izodlala neJaguares kule mpelasonto bese iyivala nabakhaya iDHL Stormers, eKapa ngelizayo.
“Kufanele siyinqobe yomibili imidlalo esisalele uma sizimisele ngokungena kweyomkhumulajezi. Angisiboni isimanga ngokushaya iJaguares ngoba siyabashaya uma sibavakashele. Empeleni i-Emirates Lions isibashaye kabili kulo nyaka khona le e-Argentina. Kufanele sifike siwine kwaphela,” kusho uDu Preez.
Ngesikhathi iJaguares ivakashele iSharks, yabuyela eBuenos Aires ihleka yodwa ngoba yabhaxabula osokhaya ngo 51-17.
“Yebo siphoxile sishayelwa ekhaya yiHurricanes kodwa ngijabule ngendlela esidlale ngayo ikakhulukazi njengoba sizame ukubuya sesihlulwa ngamaphuzu awu-20, sahloniphisa umphumela walo mdlalo. Lokho kuyangithokozisa kakhulu ngoba kusho ukuthi asinawo umthambo wokwehluleka kodwa sihlezi sinethemba lokuthi sizobuya. Ngicabanga ukuthi okubalulekile wukuthi kufanele sifunde ukugcina ibhola kithina, singalidedeli kalula,” usho kanje uDu Preez osezakhele igama ngokuphendula ngambalwa.
Imiphumela yeSuper Rugby:
Blues 22-22 Bulls; Rebels 15-20 Waratahs; Sunwolves 19-42 Brumbies; Chiefs 40-27 Crusaders; Reds 23-34 Jaguares; Sharks 17-30 Hurricanes; Lions 41-22 Stormers