UMQEQESHI weBlack Leopards, uDylan Kerr, akamzweli ubuhlungu uGodfrey Walusimbi osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs engakaqedi nesizini eyijoyinile.
UKerr ubekade eqeqesha uWalusimbi eqenjini laseKenya iGor Mahia ngaphambi kokujoyina iLeopards. Ubekhala ezimathonsi ngemuva kokuhamba kukaWalusimbi, ethi uzamile ukumncenga ukuthi angayilaxazi iGor Mahia ngoba kade yenza kahle kwiCAF Confederation Cup kodwa wakushaya indiva lokho.
“UWalusimbi ubengumdlali weChiefs. Wenze izinto ezingafanele. Abadlali benza izinto abazitshela ukuthi zibalungele ngokuphikisana nabantu ababaholelayo. Ukwenza izinto ngendlela eqondile iyona ndlela engakhuliswa ngayo ngoba ngisebenza nabantu, ngidlale nabantu. Kusukela ngisemncane ngifunde izinto ezilungile. Awukwazi ukuvele unqume ukweqa ngoba uzizwa unenhlanhla. Yilokho akwenza.
“Angimgxeki ngokuzama ukushintsha impilo yakhe kodwa bekufanele akwenze ngendlela elungile. Yilokho esizama ukubhekana nakho nosihlalo ngabadlali ababili asebesayine inkontileka yesibambiso namanye amaqembu. Kunombiko othi ngibize uMunyai ngohubhu kabhejane. Angikaze ngikusho lokho. Kodwa engingakuthandi abantu abayizinyoka,” kusho uKerr.
Abadlali akhuluma ngabo uKerr, ngukaputeni uMarks Munyai odlala emuva kwesokudla noPhatutshedzo Nange oyibamba enkabeni yenkundla. UMunyai kuvele ukuthi usesayine inkontileka yesibambiso neHighlands Park. UNange usayine neBidvest Wits. Bobabili abasadlaliswa.
“UMunyai ngitshelwe ukuthi usayine inkontileka yesibambiso neHighlands Park futhi ngendlela enza ngayo ayilungile. Kufanele ayenze ekukhanyeni yaziwe. Kodwa ngebhadi abanye abantu bajatshuliswa ezinye izinto. Sidlale kahle ngaphandle kukaNange.
“Angisho ukuthi ubengawenza umehluko kodwa ngicabanga ukuthi uMokoena udlale kahle. Yizinto ezenzekayo ebholeni, kufanele usebenze nabadlali abakhona, abazinikele ukudlalela iBlack Leopards. Awufuni ukuphazamisa abadlali abazinikele ukusebenzela iqembu ngoba uma wenza njalo, udlalisa abanye ngenxa yegama, uma usubadinga kunzima ukubabuyisa.
"Kodwa ekugcineni, yiqembu okufanele libhekane nalolu daba ngoba ekugcineni uMunyai uyisitobha sakwesokudla ebesikade sisidinga namuhla,” kusho uKerr.