UMQEQESHI weRoyal Eagles esifana nethemba leKwaZulu-Natal (KZN), kwiNational First Division (NFD), uSazi Ngubane, uthe amaphaphu phansi akonakele lutho kuleli qembu ngemuva kokulahla amaphuzu amqoka imidlalo ilandelana.
I-Eagles idlale ngokulingana ngo 0-0 neTS Sporting eChatsworth Stadium, eThekwini ngempelasonto.
Kulo mdlalo i-Eagles yakhe inqwaba yamathuba njengoba ishaye ipali izikhawu ezine yaphinde yageja nephenathi.
NguMphakamiseni Nene oshwebe iphenathi. Kwenzeka lokhu nje ngesonto eledlule ithelwe othulini yiStellenbosch FC ngo 2-0 ekuhambeni. Lokhu kusho ukuthi i-Eagles isilahle amaphuzu amahlanu emidlalweni eyisithupha.
“Akukho lapho konakele khona. Yinhlanhla esingenayo kulezi zinsuku. Sithole iphenathi sayigeja. Sakhe inqwaba yamathuba sahluleka wukuwavalela phakathi. Akukho lapho konakele khona bafowethu. Kumele sibuyele ejimini siyolungisa amaphutha ethu,” kusho uNgubane.
I-Eagles iyeke ithuba lokuvala igebe phakathi kwayo neStellenbosch FC kwazise leli qembu eliqhwakele liguqiswe yiRichards Bay FC ngo 2-0 ngoLwesihlanu. I-Eagles ibidinga amaphuzu amathathu ukuze ivale igebe. Njengamanje leli qembu lihlezi endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-17. Ngakolunye uhlangothi iStellenbosch iqhwakele ngamaphuzu angu-34 ngemuva kwemidlalo efanayo.
“Siphoxekile ngokudlala ngokulingana kodwa iligi isavulekile. Ukhalo luselude. Sisasele nemidlalo engu-13. Kuyangijabulisa ukuba kule ndawo esiyibambe kuyona kwi-log. Nami angithandi ukuthi kusheshe kube yithina esiphezulu. Sihlezi endaweni enhle lapho esikhona kodwa kumele siqhubeke nokuqoqa amaphuzu amathathu ukuze sigcine endaweni yethu emaqenjini abanga ukuqeda ephezulu,” kuqhuba uNgubane.
Emdlalweni olandelayo i-Eagles izokwamukela iRichards Bay FC ekhaya ngeSonto ntambama.
“Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa sibheke ukuqoqa amaphuzu amathathu ngoba sidlalela ekhaya. Akumele silahle amaphuzu ekhaya,” kusho uNgubane.
Selokhu kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali i-Eagles isasayinise abadlali abathathu. Isayinise uSonke Ntuli, Mumuni Abbubaker no-Uhuru Mwambungu.
“U-Uhuru usefikile kodwa amaphepha akhe okusebenza kuleli awakalungi. Sihlalele ethembeni lokuthi ngesonto elizayo azobe eselungile. Uma singathola omunye umdlali, iqembu lethu ngabe seliphelele.” kuphetha uNgubane.
Imiphumela yeNFD:
Royal Eagles 0-0 TS Sporting; Real Kings 0-0 Tshakhuma Tsha Madzivhandila; Maccabi FC 0-1 Witbank Spurs; Ubuntu Cape Town 2-1 TS Galaxy; Ajax Cape Town 2-0 Jomo Cosmos; Stellenbosch 0-2 Richards Bay; Mbombela United 0-0 Cape Umoya United; Uthongathi FC 0-1 Pretoria University FC