AKAKUTHATHI njengegxathu elibheke emuva ukudlala kwiNational First Division (NFD) uNdiviwe “Diva” Mdabuka olobizela ukuyibamba kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.
UMdabuka waseKapa ubesephenduke isethenjwa somqeqeshi uMokete Tsotetsi (osanda kuxoshwa kwalandwa uJoel Masutha) kwiMaccabi engomakoti kwiNFD. Ukhulele enkulisa ye-Ajax Cape Town, iKamva, ngaphambi kokunyuselwa eqenjini elikhulu nalapho afike khona wazakhela igama ngokushaya into ecokeme enkabeni yenkundla.
Nokho uphelelwe yindawo sekufike umqeqeshi uMuhsin Ertugral ohluleke wancama ukusindisa i-Urban Warriors ezembeni. I-Ajax nayo isigijima kwiNFD kule sizini.
“Ibhola linjalo. Ngizamile ukuthola iqembu kwiPremiership kodwa ngehluleka. Ngithathe isinqumo sokubuyela kwiNFD ngizibonakalise khona ukuthi ngisafuna ukudlala esigabeni esiphezulu. Ngiyethemba ukuthi ngesizini ezayo ngizobuyela kwiPremiership,” kusho uMdabuka.
“Akulona igxathu elibheke emuva ukudlala kwiNFD. Ngicabanga ukuthi enye indlela yokukhula lena. Ngeke kuhlale kumnandi. Kufanele ngiqale kahle phansi ukuze ngibuyele phezulu.”
KwiMaccabi uMdabuka uyibamba nabanye abadlali asebebuya emaqenjini ePremiership okukhona kubona uCollins Mbesuma wodumo kwiKaizer Chiefs, Lebohang Mokoena owayedlala kwi-Orlando Pirates, Thapelo Tshilo owadlala kwiMamelodi Sundowns noThemba Mavundla osebuya emabhukwini eMaritzburg United.
Nokho laba badlali bahlulekile ukuyisiza ngempelasonto edlule ngesikhathi ihlulwa yiWitbank Spurs ngo 1-0 emdlalweni weligi eDobsonville Stadium, eSoweto.
UMdabuka uthe akananxa no-Ertugral omkhombe indlela kwi-Ajax phezu kokuba abekade engomunye wabadlali abagqamile.
“Ukuhamba kwami kwi-Ajax kwaba ngenxa yokuthi uMuhsin wathi angikho ezinhlelweni zakhe zesizini. Ngacabanga ukuthi kungcono ngibuyele kwiNFD ngoba ngadlala khona kumasizini edlule. Ngacela bangikhulule ngiyozama kwenye indawo. Abazange bangibambe, banginika incwadi yokungikhulula ngahamba.
“Inkinga ibikade iphakathi kwami nomqeqeshi, hhayi nabaphathi. Angimangalanga ngoba wonke umqeqeshi unabadlali bakhe. Mina angibanga nenhlanhla yokuba kulabo badlali. Ngiyithathe kanjalo ngoba angikwazi ukuhlala ebhentshini kwiNFD futhi,” kusho uMdabuka.
IMaccabi izobhekana neCape Umoya United emdlalweni weNFD e-Athlone Stadium, ngoMsombuluko ngo-3.30 ntambama. UMdabuka kulindeke ukuthi aqhubeke adlale yize izintambo zizobe seziphethwe umqeqeshi omusha uMasutha ochithwe yiChippa United ngesonto eledlule.