OQOKELWE ukungenela umbango wesikhundla sokuhola iSouth African Football Association (Safa), u-Andile “Ace” Ncobo, usephumele obala ngokuthi akafuni ukuba ngumengameli wale nhlangano kodwa oyiphethe okwamanje uDanny Jordaan akafanele ukuba kulesi sikhundla.
ISafa kuhlelwe ukuthi ibe nokhetho ngoMashi 24 ukukhetha ubuholi obusha. Phezu kokuba mapeketwane kwezinto kwezinye izifunda kodwa kuvele ukuthi uJordaan uphakanyiswe kwezingu-52 kwathi uNcobo waphakanyiswa ngesisodwa.
Izolo esithangamini nabezindaba, uNcobo uhlube udlubu ekhasini ngokungagcinwa kwemithetho kasomqulu weSafa mayelana nokhetho athe wenziwa iyona le nhlangano. Ekupheleni kwesonto eledlule, ihlangano eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC) imemezele ukuthi iyahoxa ekusingatheni ukhetho lweSafa. ISafa iveze ukuthi izoyimangalela i-IEC ngokuyilaxaza.
UNcobo uthe ukhetho lweSafa ngeke lube khona ngoba miningi imithetho equkethwe wusomqulu wayo ephuliwe.
“Emuva kokuvela kwezindaba zokuthi amagama amabili acutshungulisisiwe ukuthi angangenela umbango wesikhundla, sengikhulume kaningi neSafa. Lokhu kulandela isinqumo sami sokuzijwayeza umqulu onemibandela yokhetho ukuze uma ngiqoka ukungenela ukhetho ngibe sengazi ukuthi ilandelwe yonke yini imigudu. Umbuzo okhona ngowokuthi kungani iSafa icabanga ukuthi i-NEC nenhlanganisela banamandla ukudlula umthethosisekelo oyiphethe?” kubuza uNcobo.
“Ngokomthetho wokhetho, ezinyangeni eziyisithupha ngaphambi kokhetho, ikomiti lokhetho kufanele likhethwe. Abantu banemibandela emine. Kufanele kube ngabantu abathembekile, abanolwazi lokhetho, abanolwazi lwezomthetho nolwebhola.
"Umthetho wokhetho uphinde uqhubeke uthi asikho isisebenzi sikahulumeni esivumelekile ukuzihlanganisa nokhetho. I-IEC iqokwe ngoJanuwari 8, hhayi ezinyangeni eziyisithupha, ayikhethwanga kodwa iqokiwe. Lokhu kwenziwe phezu kokuthi umthetho ukubeka kucace ukuthi akugwenywe ukuqoka. Izisebenzi ze-IEC ziholelwa nguhulumeni.”
Ngasekupheleni kwesonto eledlule uNcobo uveze ukuthi iyona le mibandela eholele ekutheni i-IEC ihoxe okhethweni lweSafa yathi le nhlangano ayixazulule izinkinga zayo zangaphakathi. Kuthiwa lokhu ikwenze ngaphandle kokwazisa iSafa nokuholele ekutheni ithathe isinqumo sokuyifaka enkantolo.
UNcobo uthe uJordaan akakufanele ukuphatha iSafa, wakhala ngokukhishwa inyumbazane kwabathile ebholeni laseMzansi.
“Ngiyayigxeka indaba yokuthi indoda eyayiyingxenye yomzabalazo wenkululeko, uDanny Jordan, seyiwushaya indiva umbuso wentando yeningi.
"Ubani ocabanga kahle ongabiza uLucas Radebe ngomuntu ongelutho? Uyambiza ukuthi azosebenza ezinhlakeni zakho kodwa uma abantu bemphakamisa umbiza ngomuntu ongelutho. Umdlali owaba ngukaputeni eqenjini le-EPL, wawina i-Africa Cup of Nations ngo-1996 kodwa umbiza ngomuntu ongelutho,” kusho uNcobo.
“Kufanele ngisho ukuthi angikho embangweni wanoma yisiphi isikhundla. Uma konke sekuqalwe phansi, kwenziwa ngendlela kungenzeka ungaliboni igama lika-Ace Ncobo.
"Isizathu esingenze ngakwemukela ukuphakanyiswa ukukwazi ukuthi uma ngibhala ngiphenduleke, hhayi ngoba ngifuna ukuba umengameli weSafa. Baningi abantu abangasithatha leso sikhundla. UJordan akagoduke aye ekhaya, akakufanele ukuhola iSafa.
"Ngelinye ilanga uma sekudlule konke sesenza ekaRamaphosa noZuma yokugudluka ngendlela ehloniphekile kahle siyokhuluma nangezinye izinto. Okwamanje sisavikela usomqulu weFifa noweSafa ekudlwengulweni.”
Izolo akukho kwiSafa ophendule uNcobo njengoba bekunesithangami sale nhlangano nabezindaba lapho bekumenyezelwa iqembu leBafana Bafana.