UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela, akafuni abadlali bakhe bazitshele ukuthi sebewuqedile umsebenzi wokubalekela izembe njengoba sebeweqile umugqa wamaphuzu awu-30 kwi-Absa Premiership.
I-Arrows ihlule iCape Town City ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Igoli lishaywe uLerato Lamola. Ibe isinyukela endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu awu-31.
“Ngokwesipiliyoni ungasho ukuthi sesiphumile ngenxa yokuthi phambilini amaqembu anala maphuzu asindile ezembeni. Kodwa njengamanje iqembu elinamaphuzu awu-20 lingafika kwawu-35 kule midlalo esele. Ngokubheka lokho ngithi cha asikasindi. Awufuni ukukhuluma ngokuthi siphephile ngoba abadlali bazoyifunda leyonto bese bezithela ngabandayo," kusho uKomphela.
Ebuzwa lo mqeqeshi ukuthi yisiphi isimo esingamjabulisa ekupheleni kwesizini, uthe: "Akukho ngami kodwa konke sikwenzela ukufeza izifiso ze- Arrows, hhayi ezikaSteve. UClinton (Larsen) wahamba enze umsebenzi omuhle nami futhi ngisengahamba, kufike omunye. Ngakho uma singasimenda indawo kwiTop 8, siqhubeke nokwenza kahle emidlalweni yomkhumulajezi, siqinisekise ukuthi I-Arrows iyayigcina indawo yayo kwiligi ngesizini ezayo nokuvulela amathuba abafana abancane, ngokwami lokho kuyoba kuhle eqenjini.”
Leli qembu laseThekwini lingqongqoza kwiTop 8 nje, nasemidlalweni yomkhumulajezi kusalihambela kahle. Selibalwa namaqembu amane asele kwiNedbank Cup, lapho lizodlala neGalaxy FC kowandulela owamanqamu.
“Sesidlale imidlalo ewu-13 kusukela ngifikile lapha. Sihlulwe kwemithathu, sadlala ngokulingana kwemithathu. Uma ubuka lokho ungasho ukuthi senza kahle kodwa sisengenza kangcono. Kumele silwele ukuthola imiphumela emidlalweni ezayo. Asikhohlwe osudlulile," kusho uKomphela.