AMAZULU afake abadlali abayisithupha ohleni lwabadayisayo kwathi abathathu babolekiswa emaqenjini ehlukene KwaZulu-Natal (KZN) ukuze ithimba labaqeqeshi lisale nesikwata esizokwazi ukulawuleka.
Laba badlali abahambanga neqembu okuthe izolo lalibangisa ekubhaceni lapho liyoqhubeka khona nezinhlelo zesizini ezoqala.
UBrilliant Nhlanhla Mkhathini, obhekene nezokuxhumana kuleli qembu, utshele Isolezwe ukuthi umqeqeshi nethimba lakhe nabaphathi sebesithathile isinqumo ngabadlali abafuna bafakwe endalini nalabo okumele babolekiswe ukuze bayothola isikhathi sokudlala kwenye indawo.
“Bayisithupha abadlali okuthathwe isinqumo sokuthi bafakwe ohleni lwabadayiswayo. Abanye abathathu babolekiswe kuThongathi nakuRoyal Eagles, nasebevele baqalile ukuzilolonga nalawa maqembu,” kusho uMkhathini.
Abadlali abakhonjwe indlela ngokufakwa endalini uBoysen Mbatha, Zaakir Williams, Zola Jingxi, Mpendulo Dlamini ongomunye wonozinti, Simphiwe Mutsweni noNkanyiso Zungu.
UZungu ufakwe kulolu hla nje, ngesizini edlule ubebolekiswe kwiJomo Cosmos eyehlulekile ukubuyela esigabeni sePremieship ekubeni ibithole ithuba lokudlala emidlalweni yokuhlunga.
“Abadlali ababolekisiwe nasebevele bezilolonga namaqembu ababolekiswe kuwona ngoLungelo “Qashana” Dlamini okwi-Eagles, Sibusiso Magaqa noSibongiseni “Fanifani” Mthembu bobabili abaye kwiThongathi,” kuqhuba uMkhathini.
UMagaqa usebuyela okwesibili kuThongathi FC njengoba ngewindi langesizini edlule ujoyine leli qembu ngokubolekwa nafike khona wabamba elikhulu iqhaza ekulitakuleni ezembeni.
UMkhathini uphinde waveza ukuthi udaba lukaNjabulo Ngcobo alukacaci noma uzophinde abolekiswe kwiRichards Bay FC.
“Indaba kaNjabulo (Ngcobo) ayikacaci. Kodwa kubukeka kuzokuba nzima ukumgcina ngale sizini njengoba iqembu libuyise uXolani Slawula obebolekiswe kwiThongathi FC ngesizini edlule. Ngaleso sizathu kungaba nzima kumqeqeshi ukubagcina bobabili ekubeni bedlala indawo efanayo. Yize edlale kahle (emidlalweni yesihle) kodwa angashaywa wukuthi uSlawula ubesenesikhathi eside edlala kuThongathi FC kanti nangale kwalokho iRichards Bay ngokuphela kwesizini iphinde yakhombisa uthando lokumbuyisa nakule sizini,” kubeka uMkhathini.
Usuthu lubolekisa ngalabadlali nje, lusanda kusayinisa abadlali abahlanu okunguMarc van Heerden osekhuza ibuya esuka kwi-Orlando Pirates, Charlie Hlalele obekwiTornado FC, Emiliano Tade obekwi-Auckland City, obengumdlali weFree State Stars uNhlanhla Vilakazi noMoeneeb Josephs