AMATHE abuyele kwasifuba kumshayisibhakela waKwaZulu-Natal (KZN), uThabiso “The Rock” Mchunu ohlulwe nguThomas “Tommy Gun” Oosthuizen empini yebhande le-African Boxing Union (ABU) Cruiserweight ebelingaphethwe muntu e-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibelo ebusuku.
Amajaji impi ayinike u-Oosthuizen ngo 115-113, 114-114 no-113-115. Le mpi bekungeyosuku kwebezihlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman. Bekumenyezelwe ukuthi ozowina uzozanyelwa impi enkulu ngoDisemba. UMchunu ubekade ekubeka obala ukuthi uzodlula kuTommy Gun ngoba ungumafikizolo esigabeni se-cruiserweight. Nokho kuphenduke amatafula amajaji impi eyinika u-Oosthuizen obekuthiwa kuphelile ngaye.
UMchunu uyiqale impi ekhombisa ukungajahi kodwa bebumxaka ubude buka-Oosthuizen. Nakuba kunjalo kodwa ubengazihluphi ngokushaya umzimba nokuvala isikhala phakathi kwabo nobekunika u-Oosthuizen ithuba lokuphonsa izibhakela ngendlela athanda ngayo. uMchunu ubekwazi ukuthola uTommy Gun ngezibhakela eziqinile kodwa u-Oosthuizen ubeletha imvula yazo uma esephindisela.
Ngesikhathi kumenyezelwa kuthi kuwine u-Oosthuizen, uMchunu ukhombise ukushaqeka nokungakholwa. Irekhodi likaMchunu lehlele ku-19-5-0 kwathi elikaTommy Gun lanyukela ku-28-1-2.
Bekungokokuqala u-Oosthuizen ebuyela eringini emuva kwezinyanga ezingu-16 eduke nemihlambi ephila ngezidakamizwa nophuzo oludakayo. Uboshiwe ngasekuqaleni konyaka emuva kokutholakala nezidakamizwa. Nokho ngesikhathi iGolden Gloves, esimdube izikhawu, imemezela ukuthi uyabuya iningi belizibuza ukuthi usazobuyela ezingeni aziwa ngalo yini. Ngokuhlula uMchunu lisaqhubeka irekhodi lakhe lokungahlulwa ngumshayisibhakela waseNingizimu Afrika.
Kwenye impi, uLusanda Komanisi uhlulwe ngomngqimuzo womlalisa phansi nguMichael Mokoena kwathi uRyno Liebenberg wagoduka nebhande le-ABU Super Middleweight emuva kokuhlula ngomcacamezelo womlalisa phansi u-Alfonso Tissen.