ANDILE MOFU

INHLANGANO eyengamele isibhakela sama-amesha eNingizimu Afrika isemizamweni yokulungisa amaphutha aholele ekutheni iqembu lakuleli lingabi nabo abashayisibhakela kuma-Olympic Games abengo-2016, eRio de Janeiro, eBrazil.

Isizathu esaholela ekutheni iSouth African National Amateur Boxing Organisation (SANABO) ingawahambisi amabhokisa kuma-Olympic, kwaba wukwephula umthetho weSouth African Sports Confederation and Olympics Committee (SASCOC) owawuphoqa izinhlangano zezemidlalo kuleli ukuthi zihlungele le midlalo ngemiqhudelwano yezinga lomhlaba.

ISASCOC yeseka isinqumo sayo ngokuthi izinga lokuqhudelana e-Afrika liphansi kakhulu. Yathi uma sekuncintiswana emiqhudelwaneni enjengama-Olympic namaCommonweath Games amaqembu akuleli aphenduka ukudla kwenduku.

Sekungumlando ukuthi kwaba ngabesibhakela nabe-hockey abagcina bengayanga eBrazil ngenxa yokwephula lo mthetho.

U-Andile Mofu onguMengameli weSANABO, utshele leli phephandaba ukuthi ngeke baliphinde iphutha elifanayo ngoba kuyisifiso sabo ukuyokwandisa izindondo zakuleli kuma-Olympic azoqala ngo-Julayi 24, asongwe ngo-Agasti 9 ngonyaka ozayo, eTokyo, eJapan.

Uthe lo nyaka bawubekele ukulungiselela lo mqhudelwano. Uveze ukuthi yingakho sebekhethe iqembu losomankomane abangu-13 abazokweluswa imini nobusuku. Abesilisa bayisishiyagalombili bese abesibhuda babe bahlanu.

Uthe amalungiselelo bazowaqala ngomqhudelwano okuzoba khona kuwo iMauritius neSwaziland. Uzoqala ngoFebhuwari 6 uze usongwe ngoFebhuwari 10, eTransnet Engineering Boxing Academy, ePitoli.

UMofu uqhube wathi uma kuqedwa lo mqhudelwano, balibhekisa eBotswana kumaZone 4 African Boxing Championship.

Uthe amazwe azokwenza kahle eBotswana azodlulela emqhudelwaneni we-Afrika yonkana, i-African Boxing Confederation (AFBC) Elite African Confederation Boxing Championships, okulindeleke ukuthi ibe phakathi kukaJulayi no-Agasti endaweni esazomenyezelwa.

“Lo mqhudelwano ubaluleke kabi ngoba owukuhlungela i-AIBA World Boxing Championships ezoba ngoSepthemba, eRussia. Nakuba kuzobe kuhlungelwa ama-Olympic kuwo kodwa i-AIBA izolikhipha ekuqaleni konyaka ozayo ikhalenda lemidlalo yesibili yokuhlunga. Esizokulwela ukuthi bobawu-13 abashayisibhakela bethu kumele baye eTokyo. Ngokuhamba kwesikhathi sizodalula izinhlelo zokubaqeqesha ngezinga eliphezulu”, kubeka uMofu.

Siqhube sathi ngenxa yokungabi nenkece eyanele, kulo baqome ukuthi umqhudelwano wama-Elite Boxing Championships ozoba ngoJulayi bawuhlanganise nowesigaba seYouth. Kanjalo nowezikole ohlanganisa amantombazane nabafana uzohlanganiswa nowamajuniya. Kulindeleke ukuthi ube phakathi kukaSepthemba no-Okthoba.

Limi kanjena iqembu elicijelwa ukuya eTokyo;

Amantombazane:

Esisindweni sika-51kg, kunoThobela Nyanda, Zanele Kobeni (60kg) noSinovuyo Gogina (69kg) base-Eastern Cape.

Abanye uNomusa Ngema waKwaZulu-Nata (57kg) noMkatelo Sithole waseLimpopo (75kg).

Abesilisa:

Kwabase-Eastern Cape, kukhona uSonwabile Marenene (57kg), Onke Meyeliseli (63) no-Athenkosi Plaatjie (75kg).

EWestern Cape kunoSenethemba Blom (69kg) noJason Phaal (91+). EGauteng kukhona uDaniel Thysse (81kg) noJonathan Sam (91). IKwaZulu-Natal imelwe uSibusiso Mazibuko.