ISIKHULU esiphezulu seKaizer Chiefs, uKazier Motaung Jnr, sibheke i-Top 8
Image: BACKPAGEPIX
IZENZO zabadlali beKaizer Chiefs abazoboshelwa emidlalweni emibili eyisalele kwiBetway Premiership yizona ezizocacisa ukuthi izimfuno zabaphathi beqembu ngeMTN8 yangesizini ezayo zizophumelela noma zizogcina ngokuba yiphupho.
Lawa amazwi asakuhlohla ozakwabo ashiwo ngunozinti weChiefs, uBrandon Petersen, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba owamanqamu weNedbank Cup kwi-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto edlule.
Amakhosi ahambela phezulu kulandela ukuqeda kwawo indlala yezinkomishi ebisiwabhuqe iminyaka engu-10, anomdlalo omqoka weligi neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, kusasa ngo 3 ntambama.
Uma iChiefs ingaqapheli, lo mdlalo ungase uyibuyisele kwamhlaba kwazise ayiyazi iwini kweyisithupha yeBetway Premiership.
Ngaphandle kwalokhu, iSekhukhune elele isithathu kwi-log isefomini emangalisayo kulezi zinsuku okufakazelwa nawukuqokwa komqeqshi wayo, u-Eric Tinkler nomdlali uKeletso Makgalwa njengabavelele kwiPremiership ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Uma uqhathanisa lokhu nokushiwo nguKaizer Motaung Jnr ongesinye sezikhulu zeChiefs, kufanele ukuba lokhu kuyamcindeza uNasreddine Nabi, osekukhulunywe kakhulu ngekusasa lakhe yize efike wenza obese kuhlule abaqeqeshi beChiefs abayisihiyagalolunye ngesizini yakhe yokuqala.
“Imidlalo emibili esisalele ifana neyamanqamu ngakho-ke abadlali abazoboshelwa kufanele bazi ukuthi uphawini wokushaya udaka awukho ngoba abaphathi babheke ukuthi iqembu liqede libalwa kwiTop 8,” kusho uPetersen.
Nakuba uMotaung Jnr engavumi futhi engaphiki ukuthi kungenzeka uNabi ashiye kwiChiefs ekupheleni kwesizini kodwa ami ngakho wukuthi babheke iqembu lidlale kwiMTN8 ngesizini ezayo.
“Njengoba sesiqalile ngesicoco seDStv Diski Challenge (DDC) neNedbank sesibheke ukuba yingxenye yeMTN8, nakhona sihambe ibanga elide ngesizini ezayo,” kusho uMotaung Jnr komunye wemisakazo yakwaSABC.
Kusobala ukuthi abaphathi beChiefs babheke ukuthi ifomu yaleli qembu iguquke ngokushesha kule midlalo emibili esele kodwa kunzima ukuziba ukuthi akukho ezandleni zaMakhosi ukuthi azoba yingxenye yeTop 8 ngesizini ezayo noma cha.
IMarumo Gallants neRichards Bay FC ababambene neChiefs ngamaphuzu angu-30, basele nemidlalo elinganayo nayo iChiefs. Lokhu kwenza ingabinawo uphawini wokulahla amaphuzu kwiSekhukhune nakwiPolokwane City esonga ngayo isizini ngoMeyi 24 eFNB Stadium, eNasrec.