UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, ukhombisa izimpawu zokuqinisa ikhanda kwabamhlaba ngendlela iqembu elidlala ngayo.
UBaxter umile kwelokuthi abathandi bebhola kuleli nezinkakha zalo kumele bakhethe phakathi kweqembu lesizwe elidlala kahle noma eliwina lidlala noma yikanjani.
UBaxter, ongayanga e-Egypt ngeledlule lapho kuqhathwe khona amaqoqo ngenxa yokugula okungatheni, ubelibuka kwithelevishini iqembu lakhe lifakwa ku-Group D we-Africa Cup of Nations (Afcon) namazwe amabili aseke asidla lesi sicoco, i-Ivory Coast neMorocco, nomakhelwane abafika okokuqala kweyamanqamu, iNamibia.
I-Afcon izodlalelwa ezinkundleni eziyisithupha ezehlukene emadolobheni amane e-Egypt kusukela ngoJuni 21 kuya kuJulayi 19.
UBaxter, othathe umsebenzi ngoMeyi 2017, uzobe eya okokuqala kweyamanqamu ye-Afcon. Nakuba eqala kodwa ukhombisa izimpawu zokuzethemba njengoba echaze leli qoqo njengelinzima uma ulibuka ukude kodwa lilula uma uzokucabanga konke ofuna ukukwenza ngalo.
Okunye akucacisile uBaxter wukuthi abantu kumele bafunde ukweneliseka ngoba kunezikhathi lapho kuphoqa khona ukuthi ungadlali ibhola elihle ukuze udlulele phambili emqhudelwaneni.
“Kufanele ngabe kutuswa iBafana ngokuqeda imidlalo yokuhlunga ingayazi induku kodwa abantu bahleli emphumeleni esiwuthole ekuhambeni sidlala neSeychelles. Yebo kusiphathe kabi sonke lokho kodwa asizange sihlulwe kweyokuhlunga.
“Konke lokhu kuhle uma uzokunaka futhi ukuthi kuhambisana nokufakwa kwabadlali abaningi abayikusasa leqembu. Abantu bathanda ukugxila kulokhu okungekuhle baze bavaleke amehlo ngisho iqembu selenza kahle,” kusho uBaxter.
Kuningi uBaxter athe kufanele kubhekwe ngaleli qoqo ngoba i-Ivory Coast neMorocco kufanele kubhekane kanti (iMorocco) isiqeqeshwa uHerve Renard oke wasebenza kakhulu nama-Elephants.
“Kunzima kimina ukuthi ngingasho ukuthi iqoqo lizoba nzima noma cha. IMorocco ne-Ivory Coast banezinkinga zabo ngoba banomlando ngomqeqeshi wabo. Siqala ne-Ivory Coast okuyinto enhle kakhulu futhi ezosisiza ukuze sizibone ukuthi sikuliphi izinga. Umdlalo okuyiwona engiwubona uzoba nzima oweNamibia ngoba omkhaya futhi ngeke basolwe kangako ngisho bangashaywa yonke imidlalo,” usho kanje lo mqeqeshi.
Umqhudelwano kuzobe kungokokuqala udlalwa ngamazwe awu-24. Amaqembu amabili azoqeda esesicongweni emaqoqweni adlulela kwi-Last 16 namazwe amane azolala isithathu kangcono uma eqhathaniswa nawakwamanye amaqoqo.