UMGADLI we-Ajax Cape Town, uTendai Ndoro, uyena osuse umsindo ngokudlalela amaqembu amathathu ehlukene ngesizini eyodwa Isithombe: BACKPAGEPIX
ABALANDELI baMaZulu FC eGauteng namaphethelo bahlela ukhukhulela-ngoqo wemashi yokuzwakalisa imizwa yabo ngabakubiza ngokuhlukunyezwa kweqembu labo yizinqumo ezingenabo ubulungiswa.

Imashi izobe iqonde ngqo enkantolo enkulu yaseSouth Gauteng lapho kuzokube kubuyekezwa khona isinqumo sikamehluleli ozimele, uWilliam Mokhari, esibe nomphumela wokuthi Usuthu lugcine luphumile kwiTop 8 ekubeni belungeyona ingxenye yodaba lokudlaliswa kukaTendai Ndoro, yi-Ajax Cape Town.

UMokhari, esinqumeni sakhe wagixabeza iSuperSport United amaphuzu amathathu anamagoli amathathu ngemuva kokuthi ethole i-Ajax inecala lokudlalisa uNdoro. Lokhu kwenza ukuthi AmaZulu aphume kwiTop 8.

Le mashi izokuba namuhla okuwusuku okuzoqala ngalo ukubuyekezwa isinqumo.

Ephawula ngale mashi usihlalo wozihlalo babalandeli eGauteng, uMphostoli Zwane, bafuna ukuyozwakalisa imizwa yokungaphatheki kahle kweqembu labo ebholeni kusukela kusadlalwa ngaphansi kweNPSL, NSL nePSL.

“Kunabantu abangafuni ukubona leli qembu lidlondlobala kusukela kudala. Ngisho ngesikhathi kuseyiNPSL kwakuhlale kunezinqumo ezingagculisi.

Esinye sazo ngesikhathi lisaphethwe nguNgongoma, kwaba wukudlaliswa imidlalo eminingi emqhudelwaneni owawufana neNedbank Cup njengamanje,” kusho uZwane.

Uthe lafike ladlala neTembu Royals, ladlulela esigabeni esilandelayo lapho elahlula khona i-Ellerines FC yaKwaMashu nakhona futhi lanqoba.

“Kuthe uma sekufanele lidlale kuma-quarter final kwathiwa aliqale lidlale neBenoni United futhi kwiTop 16 ngoba iThembu Royals ne-Ellerines bathathwa njengeqembu elilodwa ngoba amaqembu amancane. Kwaba yilapho-ke uNgongoma anqaba ukuyodlala eSinaba Stadium, eBenoni,” kusho yena.

Uthe sekuyiNSL, iqembu laba elokuqala ukudlala umdlalo ngaphandle kwabalandeli ngoba kuthiwa bangena enkundleni.

“KwiPSL sibona likhishwa ngaphandle kweTop 8 ekubeni belingeyona ingxenye yodaba lukaNdoro. Ngeke kuthi abadlali besebenze kangaka, belwela amaphuzu abafaka kwiTop 8 bese kunikezwa omunye amaphuzu.

“Sifuna ukugqisha ngenkani ngoba sesikhathele manje esikubona kwenziwa eqenjini lethu esilithandayo.

“Abantu abangakhohlwa ukuthi leli qembu lasungulwa yiSilo uMaphumzana (Solomon kaDiniZulu). Ngakho ngeke sihlale sisonge izandla ekubeni sibona kudlalwa ngalo. Asiyile ngempi kodwa sizobe sikhuza izaga esaziwa ngazo singabalandeli boSuthu.”

Ethintwa ngale ndaba uQedi Dlamini, oyimenenja yeqembu aphinde abe ngumdidiyeli wabalandeli uthe , “Ihhovisi leqembu alazi lutho ngale mashi ehlongozwayo futhi alihlangene nayo, kodwa ngenxa yokuthi siphila ezweni elihlonipha amalungelo abantu, ngeke sisho lutho ngoba yilungelo labalandeli lokuzwakalisa imizwa yabo. Esingakucela kubona ukuthi konke abakwenzayo bakwenze ngokuthula futhi bangalokothi bahlambalaze abantu neligi,” kusho uDlamini.

Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, ucashunwe kuleli phephanda ethi, “Aseneme ngokuthi amanye amaqembu ahlonyuliswa ngamaphuzu”.

ULuxolo September, okhulumela iPSL, uthe bona njengeligi abazi lutho ngemashi ehlongozwa abalandeli baMaZulu.

Uma i-Ajax iliwina icala kungasho ukuqala phansi kwemidlalo yokuhlungela ukunyukela kwi-Absa Premiership bese AmaZulu ebuyela kwiTop 8.

Nokho konke lokhu kubukeka kungasusa omkhulu umsindo.