Ezemidlalo

Abafana Bes’thende ‘baxoshe’ izinsika isigubhukane

Mthokozisi Mncuseni|Published

uphele isisabalale iNingizimu Afrika yonke indaba yokuthi iLamontville Golden Arrows ikhombe indlela abadlali bayo ababili abamqoka yize ingazange iphumele obala ngezizathu zalokhu.Omunye wabagadli be-Arrows abanomlando omude nayo, uKnox Mutizwa, waseZimbabwe noThabani Zuke owayeyingxenye ye-Arrows ngesikhathi idla isicoco seDStv Diski Challenge (DDC) ngo-2018, kuthiwa baxoshelwe izizathu ezingafani.

Image: Sigciniwe

USUKU lwangoLwesihlanu luphele isisabalale iNingizimu Afrika yonke indaba yokuthi iLamontville Golden Arrows ikhombe indlela abadlali bayo ababili abamqoka yize ingazange iphumele obala ngezizathu zalokhu.

Omunye wabagadli be-Arrows abanomlando omude nayo, uKnox Mutizwa, waseZimbabwe noThabani Zuke owayeyingxenye ye-Arrows ngesikhathi idla isicoco seDStv Diski Challenge (DDC) ngo-2018, kuthiwa baxoshelwe izizathu ezingafani.

Nakuba kunjalo kodwa leli qembu alizange litholalake ukuqinisekisa kumbe liphikise le mibiko kwazise belinomdlalo weBetway Premiership neStellenbosch FC ngoMgqibelo eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

Kuthiwa kutholakale ukuthi uZuke usevele usayine inkontileka yesibambiso naMaZulu FC okuyizimbangi ezinkulu zaBafana Bes’thende yingakho efakwe amasondo.

UMutizwa (31) osewe evuka ne-Arrows kusukela ayijoyina ngokubolekiswa iBidvest Wits ngo-2017, kuthiwa uxoshelwe ukuthi izinga lakhe liphansi kakhulu kunalokhu obekulindeleke kuyena kule sizini.

Emidlalweni engu-14 uMutizwa ayidlalele i-Arrows kule sizini emiqhudelwaneni eyahlukene usayishayele amagoli amathathu kulephela.

Kule sizini uZuke (26) usedlalele i-Arrows amahlandla angu-12 kodwa kusukela akhushulelwa esikimini esikhulu unemidlalo engu-93 negoli elilodwa.

Yize kucacile ukuthi uZuke iyaphela inkontileka yakhe ngoJuni kodwa okukaMutizwa akukho sobala kanjalo.