UNOTHANDO ‘Vivo’ Vilakazi weBanyana Banyana osayine inkontileka eqenjini laphesheya kwezilwandle
ABADLALI beBanyana Banyana ababili bazoklaba kwaluhlaza emuva kokusayina eqenjini laseLithuania, iFC Gintras Universitas.

UNothando Vilakazi noJermaine Seoposenwe bandisa isibalo sabadlali beqembu lesizwe abathola amathuba okudlala kumaligi angcono ngaphandle ngesikhathi kusalindwe ukuthi kwakhiwe iligi yabesifazane.

Umengameli weSafa, uDanny Jordaan, usanda kuveza ukuthi babeke u-R10 million okuhloswe ngawo ukuqala iligi kazwelonke eyayikade ikhaleleka.

Umfutho wokuqinisa izinhlelo zokuyisungula uqhamuke ngemuva kokuthi iBanyana iqophe umlando izibekisela okokuqala indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngoJuni.

Izindaba zokusayina kwabadlali eqenjini elisha zivele izolo ngesikhathi kumenyezelwa isikwati esizobhekana ne-USA eCarlifonia ngoMeyi 12. Umdlalo ungowokugcina wokulunguselela ukuya eFrance.

Emasontweni amabili edlule iBanyana ibambane ngo 1-1 neJamaica eMoses Mabhida Stadium. Umqeqeshi, uDesiree Ellis, wasala engeneme ngendlela abadlali ababegeja ngayo phezu kokudlala ibhola elihle.

U-Ellis ushiye ngaphandle izethenjwa zeBanyana eqenjini elizobhekana ne-USA ngenxa yokubambeka kwazo emaqenjini azo. Umdlalo awukho ekhalendeni leFifa okusho ukuthi amaqembu awaphoqelekile ukudedela abadlali.

Abazobe bengekho uThembi Kgatlana noLinda Motlhalo abadlala kwiBeijing Phoenix, eChina, noLeandra Smeda, odlala eSweden kwiVittsjo GIK.

“Kuyinto enkulu ukudlala neqembu elikleliswe endaweni yokuqala emhlabeni futhi elingompetha bomhlaba. Sesibe nemidlalo embalwa kulo nyaka sangathola imiphumela emihle kodwa kuyona yonke sifundile. Lapha sizothola isivivinyo esikhulu kunazo zonke kodwa futhi yithuba labadlali lokulwela indawo kwiNdebe yoMhlaba njengoba sizomemezela isikwati ngemuva kwalo mdlalo,” kusho * -Ellis kwi-website yeSafa.

EFrance iBanyana iqhathwe neSpain, China neGermany.

Isikwati seBanyana:

Onozinti: Andile Dlamini, Kaylin Swart, Jessica Williams, Mapaseka Mpuru.

Emuva: Lebogang Ramalepe, Nothando Vilakazi, Janine van Wyk, Noko Matlou, Bambanani Mbane, Tiisetso Mabhubela, Bongeka Gamade, Karabo Dhlamini, Yonela Keto noChamelle Wiltshire.

Esiswini: Mamello Makhabane, Nompumelelo Nyandeni, Nomvula Kgoele, Busisiwe Ndimeni, Refiloe Jane, Ongeziwe Dlangisa, Kholosa Biyana, noSibulele Holweni.

Phambili: Jermaine Seopsenwe, Amanda Mthandi, Rhoda Mulaudzi no-Ode Fulutudilu.