UGXEKE abadlali ngokuba amahlongandlebe umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, emuva kokuthi iqembu laseNingizimu Afrka libanjwe yiNigeria emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.
IBafana idlale ngokulingana ngo 1-1 neSuper Eagles. Igoli leBafana lishaywe nguLebohang Mothiba kwathi eleNigeria kwaba wumkhonto ogwaze ekhaya kaBuhle Mkhwanazi.
Umphumela uvune iNigeria esizibekisele indawo kwi-Afcon ezoba seCameroon ngoJuni wonyaka ozayo. Umthwalo uhlezi phezu kweBafana ukuthi ithole okungenani iphuzu emdlalweni wokugcina neLibya ngoMashi. IBafana isendaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
INigeria inawu-10. Okwenza izinto zibe wumqansa ukuthi iLibya izobhekana neBafana idinga ukuwina noma yikanjani. ILibya ibhudluze iSeychelles ngo 8-1 ngempelasonto.
Esithangamini nabezindaba emuva komdlalo uBaxter ubuzwe ngokushintsha indlela yokudlala kweqembu. Nokho umbuzo uqale waphendulwa nguPercy Tau oqokwe njengomdlali ovelele.
“Ngoba kade ngisenkundleni ngingathanda ukuphendula lowo mbuzo.
Kade benabadlali abayisihlanu emuva nababili enkabeni yenkundla. Bekunzima kithina ukuthola izikhala ngemuva kwalaba ababili abahlezi. Sibone ukuthi sebekhathele ngenxa yokushisa. Umdlali wabo wamaphakathi emuva kwesokudla ubekade esekhathele. Sibone ukuthi singadlala emuva kwabo sishaye igoli. Kodwa akusebenzanga,” kusho uTau.
UBaxter uthe abadlali bazishintshele bona indlela yokudlala abekade eyihlelile yamaphasi amafushane phakathi kwabadlali baseNigeria, baqoka ukudlala amabhola amade ngemuva kodonga lwayo.
“Uma ukhuluma ngokuziqoqa eqenjini, abadlali uyabafaka. Ukhuluma ngokuba neqhinga futhi unamathele kulona. Noma lingasebenzi kahle kodwa uqhubeke nalo. Kuyajabhisa ngoba besizama ukubatshela abadlali enkundleni. Bekuthi njalo uma sibuyela endleleni yethu, siphumelele. Mhlawumbe sigxile entweni eyodwa kakhulu. Besiyidlala ezinyaweni kodwa besingayivuli inkundla ngokwanele ebizovumela ukuthi sidlale lawo maphasi siye phambili. Kodwa besivele sidlale ibhola elide phambili ngoba singafuni ukuphunyukwa yibhola.”
“Bengizama ngakho konke ukubatshela abadlali ukuthi abayivule inkundla ngoba abadlali baseMzansi bamandla uma bevula izikhala. Izikhala zivelile futhi iNigeria ikhombisile ukuthi inenkinga uma ungakusabi ukuphunyukwa yibhola, okuyinto esiyenzile esiwombeni sesibili. Kodwa asikwenzanga. Imiphumela nendlela yokudlala isemahlombe omqeqeshi. Engingakusho wukuthi besifuna ukukwenza lokho kodwa abadlali benza okwabo, bathatha indlela engenangozi. Bekufanele sibe nesibindi, sizifake engozini yokulahlekelwa yibhola, siphaselane siye phambili. Bekungaba wubuhlakani ukugxila kulokhu ebesikade sikuhlelile.”