UKUHLUTHUKA nendelelo ekhonjiswe umgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza, ngesikhathi eZimnyama zishaya iBlack Leopards ngo 2-1, ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili ebusuku, kukhulunywa ngakho nxa zonke eNingizimu Afrika.
Babodwa abasola lo mgadli ngokungalihloniphi iqembu lakhe, isigaba adlala kusona nabalandeli abakhokhayo bezombona enkundleni.
Okuqhathe abalandeli noGabuza wukuthi emizuzwini ewu-17 esiwombeni sokuqala kulo mdlalo we-Absa Premiership, ushwebe amathuba amane obekungoqekelele ebhekene nonozinti weLidodha Duvha uRotshidzwa Muleka.
Kulo mdlalo, uGabuza odabuka eMnambithi, ugcine ukubonakala ngomzuzu ka-33 egoba ibhola elihle elenze umkhonto wagwaza ekhaya kuThivhavhudzi Ndou oyisitobha seLeopards. Ngemuva kwalokho ubengasabambeki uGabuza njengoba ethathe ijezi lakhe waliphonsa kubalandeli bePirates, eshaya izandla ngokubhuqa, wabonga ukuthi bathi abamfuni wabe esenza abebekufuna abalandeli wabashayisa ngomoya waqonda ezindlini zokushintshela.
Bazamile ukumkhuza ozakwabo, nomqeqeshi uMilutin “Micho” Srodojevic kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kungenzeka ukuthi ubuyile kancane umqondo kuGabuza engasekho enkundleni, nokuthe esiwombeni sesibili wazenza olimele wabuya kodwa unompempe wambuyisela lapho ephuma khona ngekhadi elibomvu.
FUNDA: UMicho ucela ukubekezela kubalandeli
Nakuba isenzo sikaGabuza singemukelekile kodwa bakhona ozakwabo okungabadlali abadlalela amaqembu ehlukene kwi-Absa Premiership abazwelana naye.
UJames Keene ongumgadli weSuperSport United ubhale ekhasini lakhe lika-Twitter wathi: “Ngiyamzwela uGabuza. Masonto onke uyazinikela eqenjini asize nozakwabo. Usesikhathini esinzima njengamanje ngakho njengabadlali kufanele simeseke ukuze abuyele esimeni esihle ngokomqondo. Ukuthi uyashweba noma akashwebi phambi kwepali akusho lutho ngoba naye uwumuntu. Kimina ungumdlali osezingeni eliphezulu okungamfanele ukuphathwa ngale ndlela.”
Omunye umdlali ophawulile kwi-Twitter wukaputeni weBafana Bafana neBidvest Wits uThulani “Tyson” Hlatshwayo.
“Uwumuntu naye. Bengazi ukuthi lokhu kuzogcina kwenzekile kodwa bengingakulindele ukuthi kwenzeke ngale ndlela. Uqine Gabuza,” ubhale kanje uHlatshwayo.
UMark “Proffessor” Mayambela odlalela iChippa United naye uhambe emazwini alaba bobabili ekhala ngesihluku abalandeli abasibhekise kuGabuza.
“Kubuhlungu ukungahlonishwa abalandeli beqembu olidlalelayo. Kwenza ukuthi ungakhuthazeki futhi uphuke nenhliziyo. Ukuthi uyageja noma akageji akusho lutho ngoba usebenza kanzima esebenzela iqembu. Akufanele ibhola libe nesihluku esinjena,” kusho uMayambela.
Kulindeleke ukuthi iPirates iphawule ngalolu daba kanti nePremier Soccer League (PSL) ingase imthathele izinyathelo uGabuza njengoba kubukeka sengathi isithunzi sebhola kuleli sihuduleke phansi.