BASABISA ngokuduba izinhlelo zeSupersport uma kuwukuthi izikhulu zalesi siteshi ziyahluleka ukubuyisa obeyintandokazi yomethuli wezinhlelo zemidlalo, uRobert ‘Madluphuthu’ Marawa.
UMarawa uxoshwe yilesi siteshi ngomqhafazo kuleli sonto, kanti ubalise kuTwitter ngalokhu, esho ukuthi usexoshwe ngomqhafazo engasavalelisanga nakubabukeli bohlelo lwakhe iThursday Night Live with Robert Marawa.
“Ngithole umbhalo ngezithuba zabo-6.50 namhlanje ebusuku, ungazisa ukuthi ngingabe ngisazihlupha ngokuza estudiyo ukusakaza iThursday Night Live with Marawa Show kwiSuperSport .
“Ngithanda ukubonga bonke abangisekile ohambweni lwami njengomsakazi weSuperSport, nalabo engisebenze nabo kwiSuperSport,” kubhala uMarawa.
ISuperSport iphendule ngesitatimende esifake kwiTwitter esithi: “ISuperSport isinohlu lwabethuli abasha abazodalulwa ngesizini ezayo yebhola.
"Lokhu kwenze ukuthi sisinqamule isivumelwano ebesinaso noMarawa.
"URobert utsheliwe ngesinqumo sethu ekuqaleni kwaleli sonto.
"Siyabonga amagalelo akhe kule minyaka eyedlule futhi simfisela impumelelo emizamweni yakhe
yakusasa."
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali uMarawa futhi nemiyalezo abethunyelelwa yona engayiphendul.
Ugcine ebhale kuTwitter ukuthi usazogeqa amagula ngokuxoshwa kwakhe yiSuperSport.
Ngemuva kwalesi sitatimende, kube sekuphawula ababukeli, bekhwela bezehlela ezikhulwini zeSuperSport. Bebezigxeka ngokuthatha isinqumo esingaphusile ngokuxosha uMarawa yedwa.
“Siyawuzwa lo mbhedo wenu, pho ngaphandle kukaMarawa ngobani abanye abakhululiwe. Akukwazi ukuba nguye kuphela.”
Abanye bakhale ngendlela axoshwe ngayo uMarawa ngomqhafazo.
“Anikwazi ukuxoshwa umuntu ngomqhafazo.
"Okwesibili futhi anikwazi ukwenza izinguquko namhlanje ekubeni ningaxhumanile
naye.
“Mhlazane sathola enye imbangi, niyoba ngumlando.”
Nosaziwayo abasalanga ngaphandle njengomculi uDr Malinga oluleke uMarawa ukuba avule isiteshi sakhe ngoba uzihambela yedwa ekusakazeni.
“UMarawa yindoda enesibindi,” kubhala umholi we-EFF, uJulius Malema.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi uthe ayidutshwe iMultichoice kuze kube ibuyekeza isinqumo sokuxoshwa kukaMarawa.