UMQEQESHI waseNingizimu Afrika osanda kuqashwa yiMC Alger yase-Algeria, uRhulani Mokwena, unqatshelwe ukufika nebhentshi lakhe lonke njengenjwayelo, iqembu lakhe lizeseka ngokuthi likholelwa ekutheni kubekhona okungenani oyedwa olwazi ukusuka nokuhlala usikompilo lwayo.
UMokwena (38) owadla izicoco neMamelodi Sundowns ngaphambi kokudlulela kwiWydad Athletic Club yaseMorocco, umenyezelwe njengenhloko entsha yompetha be-Algerian League 1 muva nje.
Lo mqeqeshi uqashwa e-Algeria nje, uhlale isikhathi esingaphansi kwesizini kwiBotola League yaseMorocco, lapho iWydad yakhe eqede khona endaweni yesithathu kwi-log.
Ngesikhathi uMokwena evakashe kwiMetro FM ngeledlule, uqinisekise okuningi okubalwa kukhona isizathu esimqomise e-Algeria kuya ekuchithweni kwesifiso sakhe ngebhentshi.
“Kuningi okuqondene phakathi kwami naleli qembu lase-Algeria yingakho ngikhethe lona,” kusho uMokwena.
“Ngemuva kokwenzeke kwiWydad, bekunesidingo sokuzinuka amakhwapha ngamaphutha engiwenzile. Kuliqiniso ukuthi neWydad iwenzile awayo kodwa akusasizi.
“Siye eMorocco ngenhloso yokuyowina kwafika kwangenzeka, ngakho-ke bekusemqoka ukuzinuka amakhwapha ngaphambi kokuthatha omunye umsebenzi."
Lo mqeqeshi oke wamataniswa nePirates, uqinisekise ibhentshi lakhe yize kunombandela abebekelwe wona ngalo.
“I-Alger ayigudluki ekubekeni abayo ezikhundleni ezithile ebhentshini okuyinto engiyithakaselayo nokho ngoba iqiniso wukuthi okuningi kubalula uma kukhona umqeqeshi olazi ukusuka nokuhlala iqembu.
“Kubalulekile kwabe-Alger ukuthi okungenani kube noyedwa olaziyo iqembu liwina kanjalo nangezikhathi ezimnyama.
“Lokhu kumqoka nangakwisikompilo ngoba basuke belazi kangcono iqembu,” kuqhuba uMokwena ngaphandle kokucacisa ukuthi ngubani futhi uzokwenzani lo mqeqeshi amnikwe yi-Alger.
Ukuqinisekisile uMokwena ukuthi usevele ucosulile kuMaZulu FC lapho ethathe khona uWendell Robinson ongumqeqeshi wonozinti asebenze naye iminyaka kwiSundowns.
URobinson wadliwa yizembe kwiSundowns, wajoyina Usuthu ngesikhathi kususwa uManqoba Mngqithi esikhundleni kufakwa uMiguel Cardoso.
UMokwena uthe ziningi izizathu azilandele uRobinson kwazise ukwazi nokugqoka izigqoko eziningi. Iphini lakhe kuzoba ngu-Enzo Donis odabuka eBelgium oke wasebenza kwi-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Ngokusho kukaMokwena, uDonis usevumile ukushiya isikhundla sokuba yiphini eqenjini lesizwe laseTogo, azomjoyina kuleli qembu.
Kukhona noSibusiso Mahlangu obhekele imizimba yabadlali asebenze naye kwiWydad nakwiSundowns. USinethemba Badela abesebenza naye eMorocco akamtholanga kwazise useqeqesha iChippa United.