ULEONARDO Castro weKaizer Chiefs akeneme ngokuthi badedele amaphuzu emdlalweni we-Absa Premiership bebhekene neBloemfontein Celtic eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku
UMGADLI weKaizer Chiefs, uLeonardo Castro, akeneme ngezinqumo zomqeqeshi uGiovanni Solinas akholwa wukuthi yizona eziholele ekutheni bagcine bedlale ngokulingana neBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

IChiefs ibambane neCeltic ngo 2-2 ikade isihamba phambili ngo 2-0. Ibikade ibekwe phambili uKhama Billiat noKhotso Malope kodwa uMenzi Masuku noNdumiso Mabena bawona umcimbi.

Ukuhluleka ukuqoqa amaphuzu agcwele kwiCeltic kusho ukuthi Amakhosi awakawini nowokubika umdlalo kwiPremiership kusukela kuqale isizini ka-2018/2019. NgoLwesithathu iqhina liphume embizeni, abalandeli sebethembile ukuthi bazolala bejabule.

UCastro uthe ukungenelwa amagoli ngale ndlela kumcike kakhulu.

“Njengomgadli amagoli anyusa ukuzethemba kodwa asikwazi ukungenelwa amagoli afana nalawa. Kudingeka sigxilise imiqondo yethu ekumakeni ngoba thina singabagadli siwashaya noma yinini amagoli. Namanje ngisacasukile ngoba kade sihamba phambili, bekufanele siwufunde umdlalo, sivale. Kodwa kwesinye isikhathi lokhu kuwumsebenzi womqeqeshi naye kufanele asisize.

“Singabadlali siyazi ukuthi kwenzekani enkundleni, siyazama. Kodwa ekugcineni, ngisasho namanje, asikwazi ukungenelwa amagoli ngaleya ndlela. Amagoli awubulima. Emdlalweni odlule (weSuperSport United) senze amaphutha afanayo ezimeni ezifanayo,” kusho uCastro.

IChiefs isingenelwe amagoli ayishiyagalolunye kusuka kuqale isizini. Ayisikhombisa angene ku-Itumeleng Khune kwathi amabili alandwa ezintanjeni uBruce Bvuma obevimbe koweCeltic.

“Kade sihamba hambili ngo 2-0. Ukuba (uSolinas) uwuvalile umdlalo, wafaka umdlali wasesiswini ofana noMeyiwa (Wiseman), mhlawumbe anike uNtshangase (Siphelele) isikhathi sokulungela umdlalo olandelayo, kungenzeka ukuthi bekuzosebenza lokho. Kungenzeka ukuthi ngishaya eceleni, kungenzeka ngiqinisile. Kodwa kufanele sizame okuhlukile ngoba kwesinye isikhathi sidlala njalo emuva kwezinsuku ezimbili, siyakhathala, singabantu. Kudingeka kufakwe abanye abadlali ukuvuselela iqembu, basisize enkundleni. Lona wumbono wami,” kusho uCastro.

USolinas uvumile ukuthi kuyamkhathaza ukuvuzisa amagoli kwezakhe, wathi kodwa ngeke ayeke ukudlala ibhola eliya phambili.

IChiefs izobhekana neSuperSport United emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN8 eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-8.15 ebusuku. Kowomlenze wokuqala badlale ngokulingana ngo 2-2.

“ISuperSport kufanele ihlasele. Okwamanje sisesimeni esihle ngenxa yamagoli. Kodwa thina kufanele sigxilise imiqondo yethu emsebenzini wethu, sinake ukumaka ngoba nginesiqiniseko sokuthi abagadli bazozithola izintuba zokushaya amagoli. Ngifike lapha ngifuna ukuwina zonke izindebe. Ngiyayifuna lena. IChiefs isinesikhathi yagcina ukuwina indebe futhi siyayazi ingcindezi yabalandeli ngakho kufanele sizimisele kule ndebe,” kusho uCastro.

Khonamanjalo iChiefs iqinisekise ukuthi ugcine esayinile uGodfrey Walusimbi wase-Uganda obedlala kwiGor Mahia engompetha beKenyan Premier League. Lo mdlali oneminyaka ewu-29 uyibamba emuva.