UMESHACK Maphangule ongomunye wabadlali abamenyezelwe yi-Orlando Pirates ukuthi bazogijima kuyona ngesizini ezayo
ZISALE zishaqekile izikhulu zeBlack Leopards umdlali wayo uMeshack Maphangule emenyezelwa ukuthi ungomunye wabasayiniswe yi-Orlando Pirates ekubeni bekusabhekwe ukuthi avuselele inkontileka neLidoda Duvha.

UMaphangule, oyibamba enkabeni yenkundla, kumenyezelwe ngoMsombuluko ukuthi usengumdlali wePirates nabanye.

Abanye abadlali iPirates ekuqinisekisile ukuthi sekungabayo nguBrilliant Khuzwayo obekwiKaizer Chiefs, Paseko Mako, Linda Mntambo, Abel Mabaso bobathathu abebekwiChipp United, Vincent Pule obegijima kwiBidvest Wits no-Asavela Mbekile obekwiMamelodi Sundowns. UMaphangule ubeyinsika yeqembu iLeopards eliqede endaweni yesibili kwi-log yeNational First Division (NFD), lagcina ngokuwina imidlalo yokuhlunga ebeligadulisana kuyona neJomo Cosmos nePlatinum Stars okuyifake kwi-Absa Premiership.

Izolo isikhulu leLeopards, uChief Thidiela, sithe bathukile bebona igama likaMaphangule kubadlali abasha bePirates. Inkontileka kaMaphangule neLeopards izophela ekupheleni kwenyanga.

“Indlela esenza ngayo silungisa indaba yezinkontileka kusenesikhathi. Nakuye senze kanjalo ngoba besazi ukuthi inkontileka yakhe isizophela. Kodwa ubelokhu ekuhlehlisa ukuyisayina. Mhlawumbe ubengazitsheli ukuthi iqembu lizonyukela kwiPremiership. Abekade ekufuna ngenkontileka entsha sivumelene nakho. Kodwa-ke abadlali bayafika bahambe, ibhola linjalo. Silinde ukuthi azositshela yena ngoba okwamanje sisabone imibiko, asikakhulumi naye,” kusho uThidiela.

“Njengomdlali obesehlale isikhathi eside eqenjini, besithanda ukuthi naye abe khona empumelelweni yeqembu. Kodwa unelungelo lokusayina eqenjini alithandayo. Baningi abadlali behamba kwiLeopards. UMabunda (Tiyani), Hlompho (Kekana) noRamagalela kade bengabadlali bethu.”

Emasontweni edlule uThidiela uveze ukuthi maningi amaqembu ePremiership asezithendeni zabadlali babo. Abadlali okuvele ukuthi bayinyama nguPhathutshedzo Nange obeyibamba noMaphangule enkabeni yenkundla, nomgadli uMwape Musonda oshayele iLidoda Duvha inqwaba yamagoli ngesizini ka-2017/2018.

Kuwona amasonto edlule kusabalale ukuthi iKaizer Chiefs icathamela umgadli uJoseph Mhlongo. Usihlalo weLeopards uphumele obala ngokuthi abadlali abafuna ukuhamba bavumelekile ukulishiya iqembu, wathi uma befuna ukuyozibulala abahambe kodwa bangabuyi bazokhala kubona uma izinto zingasabahambeli kahle.

UChief uthe akekho umdlali abazomdayisa.

“Ngeke sibadayise abadlali bethu. Leli qembu sesiligcine kanjena isikhathi eside. Kodwa uma kukhona iqembu elibeka etafuleni into esiyibonayo ngeke sime endleleni yomdlali. IChiefs ayikaze isithinte mayelana noMhlongo,” kusho uChief.