UMLINGISI Unathi Guma useveze ukuthi kusazofa abantu emdlalweni awulingisayo Abomama oshisa izikhotha kulezi zinsuku kuMzansi Magic Isithombe: SITHUNYELWE
KUSAZOCHITHEKA igazi kube khona abazibulalayo emdlaweni, Abomama okhuluma ngomama bomthandazo kodwa abangene shi ebugebengwini, odlala njalo ngeSonto kuMzansi Magic (161), ngo-8 ebusuku.

Lokhu kuvezwe omunye wabalingisi balo mdlalo u-Unathi Guma, olingisa indawo kaDora.

Le ntokazi yase-Eastern Cape, eKings Williams Town, ithi ingene ekulingiseni ngenxa yokukhuthazwa umbhali wemidlalo emincane uZaba Hlatshwayo.

Enkulumeni abe nayo neSolezwe u-Unathi, uthe ukulingisa akakufundelanga kodwa ukufika kwakhe eGoli yikhona okumenze wangena kulo mkhakha.

“Ngikhuliswe ugogo wami okuthe sengimdala ngazohlala nobabekazi wami eVosloorus. Ngifika khona ngaqala ngasebenza njengomqoqi wezikweletu ngadlulela ekushayeni imishini ezitolo ezehlukene ezinkulu kuleli ngaze ngasebenza ezinkampanini ezinkulu njengeReceptionist,” kusho u-Unathi.

Uthe ngemuva kwalokho wahlangana noZaba owamtshela ukuthi angaba umlingisi ohamba phambili njengoba ayebona ithalente kuye.

“Wangifaka kweminye yemidlalo yakhe nami ngamangala ukubona ukuthi nginethalente kulo mkhakha. Waphinde wangibizela komunye ngenxa yokuthi ngase ngijwayele konke kwahamba kahle,” kusho u-Unathi.

Uthe ngesikhathi kuqala inhlolokhono yalo mdlalo uZaba wamtshela ngayo.

“Ngavuka ngaya khona, ngafika ngathuka kakhulu ngibona abantu abadumile ababekhona bezozama inhlanhla. Kodwa ngenza konke okusemandleni ngagcina ngiyitholile le ndawo,” kuchaza u-Unathi.

Uthe kuningi okusazothusa abantu kulo mdlalo kodwa kukona konke bazosithokozela isiphetho sawo.