ULINDA Mntambo obegijima kwiChippa United usezoyibamba kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo
YENGEZE ngesinye isibabuli somdlali wasesiswini i-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi isike uLinda Mntambo weChippa United ozophambana noGift Motupa, iChilli Boys ememezele ukuthi isimsayinisile ngenkontileka yeminyaka emithathu.

Nakuba iPirates ingakayiqinisekisi indaba kaMotupa kodwa umthombo weSolezwe osondelene nalokhu kudayiselana, ukholwa wukuthi iphupho likaMntambo leminyaka lokudlalela iqembu likayisemkhulu lizofezeka. Kuthiwa uMntambo angase afike noPaseka Mako naye okulindeleke ukuthi iPirates imethule emasontweni ezayo.

UMotupa udlale kahle kakhulu kwiBaroka FC lapho ebebolekiswe khona yiPirates. Njengoba iBucs iya kwiCAF Champions League abaningi bebezitshela ukuthi uzolandwa lo mgadli oshayele iBagaga amagoli ayisishiyagalolunye.

Nokho uFloyd Mbele oyisikhulu esiphezulu seBucs ubengazimisele ngokukhuluma ngabadlali okwamanje.

“Konke okuzokwenzeka kuzobe kushayelwa yizifiso zethimba labaqeqeshi.

Uma isikhathi sokwenza lokho sesifikile sizokwenze njalo. Okusemqoka nje wukuthi uma sikhona isidingo sokungena emakethe sizokwenze njalo kodwa ngeke sithenge njengoba kukhona abadlali abadayiswayo,” kusho uMbele.

Yize ekhuluma kanje uMbele kodwa umthombo wethu uthe sekuqedwe konke.

“Osekusele wukuthi abafana bavumelane nePirates ngasemalini. Ihlabene iBucs ngalo mdlali kodwa uyena engimjabulela kakhulu ngoba ngiyamazi ukuthi ubehlale njalo ephupha ngokudlalela iBucs.

Umkhulu wakhe wayeyisikhulu seBucs eminyakeni edlule, ukhulele eduze kwase-Orlando Stadium,” kulandisa umthombo wethu.

Enkulumeni ake aba nayo neSolezwe esadlala kwiJomo Cosmos, uMntambo uveze ukuthi wayesikhihla isililo uma iPirates ihluliwe.

“Yilona iqembu engikhule ngililandela. Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngiwudlubhe lo mfaniswano.

Ngikhulele e-Orlando ngakho kuyaphoqa ukuthi ngifike kwiBafana Bafana ngiwumdlali wePirates. Okunye engihlale ngiphupha ngakho wukudlala emdlalweni wabakhaya baseSoweto. Kuyokwenzeka ngelinye ilanga,” washo kanje lo mdlali ekhuluma naleli phephandaba eminyakeni emibili edlule.

Ngaphandle kwalaba badlali kulindeleke ukuthi iPirates imemezele noBrilliant Khuzwayo ukuba ngunozinti wayo omusha kulandela ukushiya kwakhe kwiKaizer Chiefs ngemuva kokuphelelwa inkontileka.