SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komsakazi weMbokodo FM, uMfundisi Simphiwe Mbeje, oshone entathakusa ngoLwesibili ngemuva kokugula
USHAQEKILE umndeni nozakwabo bomsakazi weMbokodo FM, uMfundisi Simphiwe Mbeje, oshone ngoLwesibili ezintatha ekubeni bese bezitshela ukuthi uyalulama.

UMbeje (36), obengumfundisi eLife Renewal Family Church eMerebank, ushonele esibhedlela iKing Dinuzulu ngemuva kokungeniswa khona ephethwe yi-meningitis.

KwiMbokodo FM ubesakaza uhlelo Umkhumbi Wokuphila ngo-12 kuya ku-3 entathakusa phakathi nesonto.

Udadewabo kamufi, uNtando Mbeje, uthe ubephathwa yikhanda ngaphambi kokutholakala ukuthi une-meningitis.

“Besingalindele ukuthi uzoshona ngoba ubethi akubuhlungu ndawo. Ngesonto eledlule ubumbona ukuthi uyagula kodwa walulama futhi esedla. NgeSonto ukhale ngobunzima bokuphefumula, kwathi ngoMsombuluko, ngiyombheka, wakhala ngakho ubunzima bokuphefumula baze bamfaka umshini.

“Besithi uma enezinhlungu uzoya egunjini labagula kakhulu. Kusishaqisile ukudlula kwakhe,” kusho uNtando othe sikhulu isililo ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Umphathi weMbokodo FM, uSandile Ngema, naye uhambe emazwini kaNtando wathi bathukile ngokushona kukaMbeje.

“Ubengaphathekile kahle, hhayi kodwa lokhu okubucayi. Sithuke sonke ngalokhu,” kusho uNgema.

Uthe isiteshi sabo ngeke siphinde sifane ngoba likhulu iqhaza abenalo.

“Ubethandaza, eshumayeza abantu futhi ebuyisa nethemba. Nasezinkonzweni zesiteshi uye obeshumayela. Ubewuthanda umsebenzi kaNkulunkulu ngoba ubehambela ngisho nasezikoleni. Ubekwenza lokhu ngokukhulu ukuzinikela,” kuqhuba uNgema.

UNtando uthe uMbeje ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uNokuthula, izingane ezimbili, abazali nodadewabo abathathu.

“Ubewumuntu onenkani ngokukholwa. Ubeshiya yonke into emphazamisa ekutheni ayoshumayela. Wakuqala eneminyaka eyisishiyagalolunye. Ubephiwe impela.”

UMbeje uzofihlwa ngoMgqibelo emathuneni aseClairwood ngemuva kwenkonzo ezoba seMgodini eLamontville ngo-9 ekuseni.

Inkonzo yesikhumbuzo izoba seCity Hall, eThekwini ngo-2 ntambama namhlanje.