Izindaba

Ngizolungenela ukhetho ngonyaka ozayo: Tsvangirai

March 09, 2010 Edition 1

UNDUNANKULU waseZimbabwe, uMnuz Morgan Tsvangirai, uthi uzolungenela ukhetho lukazwelonke oluzoba kuleliya zwe ngonyaka ozayo.

UTsvangirai (kwesokudla) uthe kufanele luqashwe ngabagcini bezokuphepha ngoba usola ukuthi amaphoyisa angase asabise abavoti.

Uthe ukuba khona kwabezokugcina ukuthula kungasiza ukwenza ukhetho lube ngolukhululekile.

UMengameli Robert Mugabe (86) naye uzwakalise ukuthi angalungenela ukhetho uma inhlangano yakhe ithi akalungenele.

Kule minyaka yakamuva uMugabe usolwa ngokubambelela ngenkani ezintanjeni zombuso esebenzisa udlame nemikhonyovu yamavoti.

Waphoqwa yingcindezi ayithola emazweni angomakhelwane ukuthi kube nohulumeni wobumbano oholwa nguye noTsvangirai.

Kulindeleke ukuthi babambisane uma sekuhlelelwa ukhetho lwangonyaka ozayo. Usuku lokhetho alukamenyezelwa.'- Intatheli yeSolezwe

E-mail this article Print this article

Ningizimu Afrika

Afrika

Umhlaba jikelele