KUZOBA nezinguquko ezincane emdlalweni iMy Brother’s Keeper ezithinta indlela umdlalo oxoxwa ngayo njengoba ngoMsombuluko ozayo ngo7 ebusuku kuzoqala isizini yesibili yalo mdlalo.
AbeMzansi Magic baveze ukuthi akukho zinguquko ezithinta abalingisi, njengoba bonke abebekhona bebuya.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic uthe uma kukhona abalingisi abasha bazobamemezela uma sekuqale le sizini kodwa okwamanje akukho abasakutholile okuthinta bona.
“Kukhona umlingisi oyedwa wesifazane okwamanje esisatshelwe ngaye, kodwa izindaba ezithinta indawo ayilingisayo nokuthi ungubani sozimemezela ekuhambeni kwesikhathi. Okwamanje sinxusa abantu ukuthi baqhubeke babuke lo mdlalo njengoba zizothi zisuka nje uMshengu (Lindani Nkosi) nendodana yakhe uDonga (Sdumo Mtshali) baxabane kushube, ngenxa yokuthi uDonga uyangenela ekuzameni ukusindisa ibhizinisi iShabaSnacks okubukeka iya eweni,” kusho u-Irvin.
Uthe lokhu kuzodala omkhulu omonakalo emndenini njengoba uMshengu ezobona uDonga njengomuntu ofuna ukuthatha amandla akhe.
Uthe abanye abalingisi abazoqhubeka nokugqama kulo mdlalo nguNqubeko(Wiseman Mncube), ozokhipha imfihlo kayise owaba nesandla ekufeni kukamfowabo uKhwezi.
“Nomakoti bakwaMshengu bazofuna ukukhula ebhizinisini lasemzini njengoba bebebheke abayeni babo kungekho okubahlanganisa nebhizinisi. UFakazile (Zola Nombona), uyena kuphela umakoti ozoqhubeka nokuba nezwi kuzona zonke izinqumo ezithathwa ebhizinisini lomndeni njengoba bubuningi ubuhlungu abuzwiswe umndeni ashadele kuwo kukhona nabantu afuna ukuziphindiselela kubo,” kuchaza yena.